Ukudlula Ezikhathini EzinzimaIsampula

Kungani Sibhekana Nezivivinyo
Maqondana nezivivinyo empilweni yethu, igama eliyake lifike kuqala ezindebeni zethu elithi kungani. Ngenxa yokuthi izivivinyo zilukhuni, zibuhlungu futhi zinosizi, siyake sizibuze ukuthi, "Kungani lokhu kwenzeka kimi?" futhi sivame ukungayitholi lempendulo esisuke siyifuna. Zisenza sikungabaze esikukholwayo ngenxa yokuthi okuzimfiso zethu kusuke kuhlolwa.
Njengoba sifundile ngoSuku loku-1, uJesu wasifundisa ukuthi sizoba nazo izinkinga. Impilo yabalandeli bakakristu akusiyo impilo engenabunzima. Izwe lethu liwile futhi liphukile, linabantu abawile nabaphukileyo abenza izinto zokuwa neziphukileyo. Nakanjani zizoba khona izivivinyo. Abantu bazokwenza izinto ezizosiphazamisa. Sizokwenza izinto ezizophazamisa zithinte abanye kanye nathi uqobo. Noma sobe singaqondile, nokho izenzo zethu zizobudala ubuhlungu empilweni yomunye umuntu. Mhlawumbe nasempilweni yethu imbala.
Nazi izizathu ezimbalwa zokuthi sedlulelani ezivivinyweni:
Ukwakheka Emoyeni
Noma nga zifike kanjani izivivinyo empilweni yethu, zingasetshenziswa njengethulusi lokuqinisa zakhe isimilo nokholo lwethu. Uma sidlula ezimeni ezihlola ukubekezela nokukhuthazela kwethu, singasebenzisana nalezo zivivinyo sizivumele ukuba zisiqinise noma siqhubeke silwisane nazo. Kulukhuni ukuvumela izikhathi ezinzima ukuba zisicwengisise, nokho uma sizivumela, umkhiqizo eziwukhiqizayo, okuyimpilo yethu engcono neyesaba uNkulunkulu, umkhiqizo ogculisayo.
Imiphumela Yokukhetha
Kuneqiniso elibabayo elihambisana nalokho okukhethayo eliyimiphumela yokukhethile. Emvama izivivinyo nobunzima esibhekana nabo yimiphumela yendlela abanye abantu abaphila ngayo nendlela nathi esiphila ngayo izimpilo zethu. Sihlupheka ngenxa yezenzo zabanye abantu noma ngenxa yezethu izenzo. Ezinye zalezi zenzo ziyizenzo zokona, futhi uma kungezokona, imiphumela yazo angeke ibe mihle.
Impi Yokomoya
Maqondana noSathane, isitha sethu sokomoya, kuphakathi lokuthi simkhulisa ngaphezu kwayikho noma simnciphisa ngaphezu kwayikho ayikho. Akusikho konke okubi okwenzeka kithi okungenxa yakhe nokho kufuneka siqonde ukuthi unendima ayidlalayo ezimeni ezilukhuni esibhekana nazo.
NgoSuku lwesi-3 lwaloluHlelo, sizongena eZwini likaNkulunkulu eligcwele ithemba nelizosikhombisa ukuthi uNkulunkulu uhlale esebenzisa noma yini, futhi wenza konke kusebenzelane kube ngokuhle kithi, kuze kube nomthelela nasezweni.
Buyekeza
- Ake ucabange ngesivivinyo oke wabhekana naso. Ucabanga ukuthi bekuyisivivinyo ebesizokwakha isimilo sakho, noma umphumela wokukhetha, noma yimpi yokomoya? Kubhale phansi okucabangayo ngalokhu.
Mayelana naloluHlelo

Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu.
More