Amahubo 9:1-10
Amahubo 9:1-10 CZB24
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova, ngayo yonke inhliziyo yami; ngizakwazisa zonke izimangaliso zakho. Ngiyakujabula, ngethabe ngawe; Ngifuna ukudumisa igama lakho, O oPhezukonke. Lapho izitha zami zibuya, ziyakuwa, zibhubhe phambi kobuso bakho. Ngokuba ulimisile ilungelo lami nendaba yami; uhlezi esihlalweni sobukhosi wahlulele ngokufaneleyo. Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade. Wena sitha, incithakalo iphelile kuze kube nininini, uchithe imizi eyincithakalo; isikhumbuzo sabo sabhubha kanye nabo. Kepha uJehova uyakuma kuze kube phakade; umisile isihlalo sakhe sobukhosi ukwahlulela. Uyakwahlulela izwe ngokulunga, ahlulele abantu ngokulunga. UJehova uyakuba yisiphephelo kocindezelweyo, isiphephelo ngezikhathi zokuhlupheka. Abalaziyo igama lakho bayakwethemba wena, ngokuba wena Jehova awubashiyanga abakufunayo.





