AmaHubo 9:1-10

AmaHubo 9:1-10 ZUL59

Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami; ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho. Ngiyakujabula, ngethabe kuwe; ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke, ngokuba izitha zami zibuyela emuva, ziwa, zibhubha ebusweni bakho, ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami, uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo. Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade. Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade; imizi wayisimbula, ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya. UJehova uyabusa kuze kube phakade; isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela; umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga, athethe amacala ezizwe ngobuqotho. UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka. Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.

Funda AmaHubo 9

Izithombe Zevesi zika- AmaHubo 9:1-10

AmaHubo 9:1-10 - Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.

Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;
ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke,
ngokuba izitha zami zibuyela emuva,
ziwa, zibhubha ebusweni bakho,
ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami,
uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.
Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi;
igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade.
Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade;
imizi wayisimbula,
ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.

UJehova uyabusa kuze kube phakade;
isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela;
umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga,
athethe amacala ezizwe ngobuqotho.
UJehova uyinqaba yocindezelweyo,
uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.
Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;
ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.AmaHubo 9:1-10 - Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;

ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.