AmaHubo 9:1-10
AmaHubo 9:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke; ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho. Ngiyakuthokoza, ngethabe kuwe; ngilihubele igama loPhezukonke. Lapho izitha zami, zibuyela emuva, ziyabhamazela, zibhubhe phambi kwakho. Ngokuba ungenzele ubulungiswa, wangikhipha phambili uhlezi esihlalweni sakho, wehlulela ngokulunga. Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade. Izitha ziphelile, zabhujiswa, wayisiphula imizi yazo, kwaphela nya ukukhunjulwa kwazo. USimakade umi kuze kube phakade; umisile isihlalo sakhe sokwehlulela. Uyakuwehlulela umhlaba ngokulunga, ehlulele izizwe ngobuqotho. USimakade uyinqaba kocindezelweyo, uyinqaba ngesikhathi sokuhlupheka. Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.
AmaHubo 9:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami; ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho. Ngiyakujabula, ngethabe kuwe; ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke, ngokuba izitha zami zibuyela emuva, ziwa, zibhubha ebusweni bakho, ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami, uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo. Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade. Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade; imizi wayisimbula, ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya. UJehova uyabusa kuze kube phakade; isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela; umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga, athethe amacala ezizwe ngobuqotho. UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka. Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.
AmaHubo 9:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova, ngayo yonke inhliziyo yami; ngizakwazisa zonke izimangaliso zakho. Ngiyakujabula, ngethabe ngawe; Ngifuna ukudumisa igama lakho, O oPhezukonke. Lapho izitha zami zibuya, ziyakuwa, zibhubhe phambi kobuso bakho. Ngokuba ulimisile ilungelo lami nendaba yami; uhlezi esihlalweni sobukhosi wahlulele ngokufaneleyo. Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade. Wena sitha, incithakalo iphelile kuze kube nininini, uchithe imizi eyincithakalo; isikhumbuzo sabo sabhubha kanye nabo. Kepha uJehova uyakuma kuze kube phakade; umisile isihlalo sakhe sobukhosi ukwahlulela. Uyakwahlulela izwe ngokulunga, ahlulele abantu ngokulunga. UJehova uyakuba yisiphephelo kocindezelweyo, isiphephelo ngezikhathi zokuhlupheka. Abalaziyo igama lakho bayakwethemba wena, ngokuba wena Jehova awubashiyanga abakufunayo.


