1 KwabaseKhorinte 13

13
Ukudunyiswa Kothando
1Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kodwa uma ngingenalo uthando, ngifana nethusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. 2 Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. 3Noma nginganikela ngakho konke enginakho, nginikele ngisho nangomzimba wami ukuze ngizigabise, kodwa uma ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
4 Uthando luyabekezela, lumnene; uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi; 5 aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu; 6 aluthokozi ngokungalungile, kodwa luthokozela iqiniso; 7 lusibekela zonke izinto, lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke.
8Uthando alusoze lwaphela, nakuba kukhona ukuphrofetha, kodwa kuyakukhawuka. Nakuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nakuba kungulwazi, luyakuphela. 9 Ngokuba sazi ingxenye, siphrofetha ingxenye. 10 Kepha lapho sekufike okupheleleyo, lokho okuyingxenye kuyakuphela. 11Lapho ngisenguntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngacabangisa okomntwana, futhi ngazindlisa okomntwana. Kepha lapho sengiyindoda, ngakuyeka ukwenza okobuntwana. 12 Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo. 13 Manje-ke, kumi lokhu okuthathu: ukukholwa, ithemba, nothando, kodwa okukhulu kulokhu wuthando.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseKhorinte 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo