1 KwabaseKhorinte 14

14
Isiphiwo Sokuphrofetha Sidlula Esokukhuluma Ngezilimi
1 Phokophelani uthando, futhi nilangazelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niphrofethe. 2 Okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa ukhuluma kuNkulunkulu, ngokuba akekho ozwayo, kepha ekumoya ukhuluma izimfihlakalo. 3 Kepha ophrofethayo ukhuluma kubantu ukuba bakheke, bagqugquzeleke, baduduzeke. 4Kanti lowo okhuluma ngezilimi uzakha yena, kodwa ophrofethayo wakha ibandla. 5Ngifisa ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa ngifisa kakhulu ukuba niphrofethe. Mkhulu ophrofethayo kunokhuluma ngezilimi, ngaphandle kokuba azihumushe ukuze kwakheke ibandla.
6Manje-ke, bazalwane, uma ngifika kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyonisiza ngani, ngaphandle kokuba ngikhulume kini ngesambulo, noma ngolwazi noma ngokuphrofetha noma ngokufundisa na? 7Ngisho nezinto ezingenamphefumulo ezikhaliswayo kungaba igenkle noma ihabhu, kungezwakala kanjani ukuthi leli yigenkle noma yihabhu uma kungakhali ngokwehlukana kwakho na? 8 Ngokuba uma icilongo likhala ngomsindo ongaqondakaliyo, ngubani ozakuzilungisela impi na? 9Kanjalo-ke nani uma nikhuluma ngezilimi umbiko ongacacile, ngubani oyokwazi ukuthi kuthiwani na? Ngokuba niyakuba nikhuluma emoyeni. 10Kungaba khona izinhlobo eziningi zezilimi emhlabeni, kodwa alukho nalunye olungasho okuthile. 11Ngakho-ke uma ngingakuqondi okukhulunywayo, ngifana nowezizwe kokhulumayo, naye ufana nowezizwe kimi. 12Ngokunjalo nani, njengalokhu nishisekela iziphiwo zomoya, phokophelani-ke ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.
13Ngakho-ke lowo okhuluma ngezilimi, makakhulekele ukuba akwazi ukuzihumusha. 14Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kodwa ingqondo yami ayenzi lutho. 15 Pho kumele ngenzenjani na? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke futhi nangengqondo; ngizakuhuba ngomoya, ngihube futhi nangengqondo. 16Uma ngingenzi kanjalo lowo ongazi lutho uyosho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na? Lokhu akazi ukuthi uthini. 17Wena kungenzeka ukuba ubonga kahle, kodwa lowo omunye akakheki.
18Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke. 19Kepha ebandleni ngithanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngibafundise abanye, kunokuba ngikhulume amazwi ayizi-10 000 ngezilimi.
20 Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo. 21 Emthethweni kulotshiwe ukuthi:
“Ngezinye izilimi,
nangezindebe zabanye,
ngiyakukhuluma kulesi sizwe;
kodwa noma kunjalo
asiyukungizwa,” kusho iNkosi.
22Kunjalo-ke, izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo, hhayi kwabakholwayo. Kepha ukuphrofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo, hhayi kwabangakholwayo. 23 Ngakho-ke uma ibandla lihlangene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangenalwazi noma abangakholwa, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na? 24Kodwa uma bonke bephrofetha, bese kungena ongakholwa noma ongenalwazi, uyakusolwa yibo bonke, bamahlulele bonke; 25 kuthi izimfihlo zenhliziyo yakhe zidalulwe, lowo uyakukhothama athi mbo ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, avume ukuthi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”
Indlela Yokukhonza Kwebandla
26 Pho kufanele kwenziwe njani bazalwane na? Uma nihlangana ndawonye, omunye unehubo, omunye unesifundiso, omunye unesambulo, omunye unezilimi, omunye uyahumusha; konke lokho makwenzelwe ukwakhiwa kwebandla. 27Uma kukhona okhuluma ngezilimi, ababe babili noma babe bathathu, bezihumusha ngokudedelana. 28Kepha uma kungekho ohumushayo, lowo-ke okhulumayo makathule ebandleni, azikhulumele eyedwa nakuNkulunkulu.
29 Abaphrofethi, makukhulume ababili noma abathathu, abanye bakuhlole lokho. 30Kepha uma kwambulwa okuthile komunye ohleli phansi, owokuqala obekhuluma makathule. 31Ngokuba ningaphrofetha nonke ngamunye ngamunye, ukuze bonke bafunde, futhi bakhuthazeke. 32Imimoya yabaphrofethi iyabathobela abaphrofethi, 33 ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiphithiphithi, kodwa ungowokuthula, njengokuba kunjalo kuwo wonke amabandla abangcwele. 34 Abesifazane mabathule emabandleni, ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kodwa mabazithobe njengalokhu usho kanjalo nomthetho. 35 Kepha uma bethanda ukufunda okuthile, mababuze emadodeni abo emakhaya, ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.
36Ngabe izwi likaNkulunkulu laphuma kini yini na? Noma lafika kini nodwa yini na? 37 Uma umuntu ethi ungumphrofethi, noma ethi unesiphiwo somoya, makakuqonde kahle lokhu enginilobele khona ukuthi kungumyalo weNkosi. 38Kepha-ke uma umuntu engakugqizi qakala lokhu, naye makanganakwa.
39Ngakho-ke bazalwane bami, langazelelani ukuphrofetha, kodwa ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi. 40 Kepha konke makwenziwe kahle nangendlela ehlelekile.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseKhorinte 14: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo