1 KwabaseKhorinte 12

12
Iziphiwo ZokoMoya Ezehlukeneyo Nokuphathwa Kwazo
1Bazalwane, maqondana neziphiwo zokoMoya, angithandi ukuba ningazi. 2 Niyazi ukuthi ngesikhathi nisengabezizwe naniholwa futhi nihuhwa yizithombe eziyizimungulu. 3 Ngakho-ke ngiyanazisa ukuthi: akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Makaqalekiswe uJesu,” futhi akekho ongathi: “UJesu uyiNkosi,” ebe engaholwa nguMoya oNgcwele.
4 Kukhona iziphiwo ezahlukeneyo, kodwa zivela kuMoya munye. 5Kukhona imisebenzi eyehlukene yokukhonza, kodwa ivela kuyo leyo Nkosi. 6Kukhona imisebenzi eminingi eyehlukahlukene, kodwa uNkulunkulu munye osebenza kukho konke, nakubo bonke.
7Kepha yilowo nalowo uphiwa okokubonakalisa uMoya ukuba basizakale abanye. 8 Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya. 9 Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye; 10 omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. 11 Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe.
Umzimba Munye Unezitho Eziningi
12 Njengokuba umzimba umunye, kodwa unezitho eziningi, nakuba izitho zonke zomzimba ziziningi, kepha zingumzimba munye, unjalo-ke noKhristu. 13 Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye.
14Ngokuba umzimba awusiso isitho esisodwa, kodwa eziningi. 15Uma unyawo lungathi: “Ngenxa yokuba angisiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho aluyeki ukuba yisitho somzimba. 16Uma indlebe ithi: “Ngenxa yokuba angisilo iso, angiyiso isitho somzimba,” ayinakuyeka ngalokho ukuba yisitho somzimba. 17Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na? 18Kepha manje uNkulunkulu umisile izitho, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. 19Uma zonke zaziyisitho esisodwa, ngabe uphi umzimba na? 20Nakuba izitho ziziningi, kodwa munye umzimba.
21Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.”
22Kepha kunalokho, lezo zitho zomzimba okungathi zibuthakathaka kunezinye, ziyadingeka; 23nalezo esicabanga ukuthi zedelelekile ukuba zibe ngezomzimba, yizona ezembathiswe ngodumo olukhulu; nalezo esinamahloni ngazo, yizona esizinakekela kakhulu. 24Kanti lezo ezibukeka zizinhle, azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu uwuhlanganisile umzimba, kwathi lezo ezidelelekile wazinika udumo olukhulu kakhulu, 25ukuze kungabi bikho ukwehlukana emzimbeni, kodwa izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. 26Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.
27 Manje-ke, nina ningumzimba kaKhristu, yilowo nalowo uyisitho nabanye. 28 UNkulunkulu ubekile abathile ebandleni: okokuqala abaphostoli, okwesibili abaphrofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yilabo abenza imisebenzi yamandla, abaneziphiwo zokuphulukisa, ezokusiza, ezokuphatha, nezilimi ngezilimi. 29Ngabe bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaphrofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na? 30Bonke baneziphiwo zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? 31 Ngakho-ke langazelelani iziphiwo ezibalulekileyo.
Kanti-ke sengizakunikhombisa indlela okuyiyona enhle kakhulu.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseKhorinte 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo