Imininingwane ngohlelo

Ukukhuluma NoNkulunkulu NgomthandazoIsampula

Talking With God In Prayer

USUKU 4 KWEZINGU- 4

UKULANGAZELELA UKULUNKULU



UKUKHULUMA NONKULUNKULU

Bonga uNkulunkulu ukuthi ukuthi uyakuthanda futhi ufuna ukuthi ufunde ukukhuluma naYe ngomthandazo. Cela uNkulunkulu ukuthi akufundise ukuthandaza.



NGENA

Enza amasethi amakhadi amanothi amathathu analamagama/ amaqoqwana amagama: ugogo nomkhulu, umngani omkhulu, umfundisi wakho, umabhalane wasesitolo segilosa kanye umzala wakwa makhelwane. Hlakaza iqoqo lokuqala ngalendlela yohlu lwabantu ovame ukukhuluma nabo kakhulu phezulu kuthi lo okhuluma naye kancane abe ngaphansi. Hlela neqoqo lesibili ngendlela efanayo, kuthi lowomuntu othanda ukukhuluma naye kakhulu abe ngaphezulu. Hlela iqoqo lesithathu eduze kwalawa okuqala amabili, kuthi lomuntu omukhumbula kakhulu abe ngaphezulu. Qhathanisa ukuthi izinhlu zakho zifana kangakanani.



NGENA UJULE

Umthandazo ungukhuluma noNkulunkulu, okuthandayo futhi ofuna konke okuhle kube kuwena. Njengalokhu ukhumbula umuntu omthandayo uma ehambile, umoya wakho ukhumbula uNkulunkulu uma ungathathi isikhathi ukhulume naYe. IBhayibheli livame ukuthi lokulangazelela ukuthi sibe noNkulunkulu kufana nokoma noma ukulamba. Funda AmaHubo 41:1-2: "Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu. Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?" Ungaya kuNkulunkulu ngomthandazo futhi uMthole, njengendluzele ithola amanzi emfuleni lapho yomile.



UKUKHULUMA OMUNYE NOMUNYE

-Ucabanga ngani lapho ulambile noma womile?

-Ukuba noNkulunkulu kufana kanjani nokuba nomuntu omthandayo? Unjani umehluko?

-Ungabona kanjani ukuthi umoya wakho womele ukuba noNkulunkulu?
Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Talking With God In Prayer

Impilo yomndeni ike ibe matasa, kuyenzeka futhi singathathi isikhathi sokuthandaza—asisabali ke ukusiza abantwana bethu ukuthi bakhule emkhutsheni wokufaka uNkulunkulu osukwini lwabo. Kulehlelo, umndeni wakho uzobona uku...

More

Sithanda ukubonga u Becky Kiser ngamaHolidi angcwele ngokusinika lePlani. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.FocusontheFamily.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo