Imininingwane ngohlelo

Ukukhuluma NoNkulunkulu NgomthandazoIsampula

Talking With God In Prayer

USUKU 1 KWEZINGU- 4

UNKULUNKULU UYAKULANGAZELELA



UKUKHULUMA NONKULUNKULU

Bonga uNkulunkulu ngazo zonke izindlela Akuthanda ngayo nakunakekela ngayo. Mcele ukuthi Akukhombise ukuthi Ufuna kangakanani ukuthi ukhulume naye nsuku zonke.



NGENA

Qondanisa inqwatshana yamaglasi eduze kukasinki ekhishini. Ngalinye, wagcwalise. Bonisanani ukuthi ningagcwalisa kanjani isitsha nesitsha endlini yakho nanokuthi amanzi angaqhubeka aphume empompini. Ngendlela efanayo, ukulangazelelwa uthixo kwakho ngeke kuphele.



NGENA UJULE

UNkulunkulu uyatholakala kuwe ngaso sonke isikhathi. Njengalokhu ungagcwalisa elinye iglasi ngamanzi ngokuthi uvule umpompi, ungahlala kamnandi ebukhoneni bukankulunkulu ngokuya kuYena ngomthandazo. Funda u-Isaya 30:18: "Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo." UNkulunkulu ufuna usondele kakhulu kuYe, ugcwaliswe uthando lwaKhe kanye noxolo, ngoba Ulangazelela okuhle ngawe. Noma ngabe uNkulunkulu esebenza esikhaleni sakho, Ufuna usabele kuYe, ukhombise ukuzimisela ukwabelana ngempilo yakho naYe. Indlela enye ongenza ngayo lokhu ukuthi ukhulume naYe nsuku zonke.



UKUKHULUMA OMUNYE NOMUNYE

-Ubani umuntu othanda ukukhuluma naye, futhi yini eyenza lomuntu abe intandokazi yakho?

-Sitshele ngesikhathi lapho wawufisa ukukhuluma nalomuntu. Wawulangazelelani ukukhuluma nalomuntu?

-Kungani uNkulunkulu elangazelela ukuba nomusa nawe?
Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Talking With God In Prayer

Impilo yomndeni ike ibe matasa, kuyenzeka futhi singathathi isikhathi sokuthandaza—asisabali ke ukusiza abantwana bethu ukuthi bakhule emkhutsheni wokufaka uNkulunkulu osukwini lwabo. Kulehlelo, umndeni wakho uzobona uku...

More

Sithanda ukubonga u Becky Kiser ngamaHolidi angcwele ngokusinika lePlani. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.FocusontheFamily.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo