Imininingwane ngohlelo

Ukukhuluma NoNkulunkulu NgomthandazoIsampula

Talking With God In Prayer

USUKU 2 KWEZINGU- 4

UKUDUMISA UNKULUNKULU NGOKUTHANDAZA



UKUKHULUMA NONKULUNKULU

Dumisani uNkulunkulu ngokuba wakwenza kanye nakho konke onakho, kuhlanganise nokudla, ikhaya kanye nabantu abakuthandayo.



NGENA

Cabanga ngezinto obonga ngazo. Yenza uhlu lwezingu-10 zazo. Tshela omunye umuntu ukuthi kungani ubonga ngayinye, futhi udumise uNkulunkulu ngakho konke akunike kona.



NGENA UJULE

Ngokusebenzisa imithandazo emifushane ephathelene nokuphila kwansuku zonke, abantu bafunda ukudumisa uNkulunkulu nokuveza ukubonga. Ngalowomzuzu uvula maehlo ekuseni, ungathandaza uthi "NGiyabonga, Nkulunkulu, ngamehlo ami. NgiyaKubonga ngokubona kwami." Ngesikhathi ugqoka, ungathandaza, "Thank You, God, for meeting my needs— ukunginika izingubo zokugqoka, njengalezi," nangesikhathi ubona ilanga okokuqala, ungamemezela, "Nkulunkulu, Umkhulu! Siyabonga ngokudalwe nguWe." AmaHubo 145:1-2 isibonelo esihle sokudumisa uNkulunkulu: "Ngiyakuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade. Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade." Dumisa uNkulunkulu namuhla nansuku zonke!



UKUKHULUMA OMUNYE NOMUNYE

-Ukubhlala phansi uhla lwezinto ozibongayo kusishintshe kanjani isimo sengqondo yakho?

-Ukuba bowungadumisa uNkulunkulu ngakho konke akunike khona, kungathatha isikhathi esingakanani?

-Ukudumisa uNkulunkulu kungakushintsha kanjani?
Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Talking With God In Prayer

Impilo yomndeni ike ibe matasa, kuyenzeka futhi singathathi isikhathi sokuthandaza—asisabali ke ukusiza abantwana bethu ukuthi bakhule emkhutsheni wokufaka uNkulunkulu osukwini lwabo. Kulehlelo, umndeni wakho uzobona uku...

More

Sithanda ukubonga u Becky Kiser ngamaHolidi angcwele ngokusinika lePlani. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.FocusontheFamily.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo