Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 81 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

Edumisa uNkulunkulu ngothando lwakhe nokwethembeka, uDavide ucela usizo Kuye futhi ucela uNkulunkulu ukuba aphindisele ezitheni zakhe.

Kusho ukuthini na?

UDavide wavula ngalinye lala mahubo ngezindumiso ezazimkhumbuza ukuthi wayethandaza kubani. Wathululela inhliziyo yakhe kuNkulunkulu ebonisa ukucasuka ngenxa yezitha zakhe ezazimhlasela ngaphandle kwesizathu kanye nabantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo. UDavide wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu kwakubonakala sengathi uyalibazisa impendulo Yakhe kulokho okwakwenzeka. Ezinye izazi zicabanga ukuthi abangcwele beTestamente Elidala babengazi ngosuku lokwahlulela, ngakho bacela uNkulunkulu ukuba akhiphe ubulungiswa Bakhe obugcwele ngokushesha. Ekugcineni, uDavide akazange afune ukuziphindiselela kodwa waphendukela kuNkulunkulu ukuze amsize, azi ukuthi amandla omuntu ewodwa ayengeke anele.

Ngiphendule kanjani na?

Ingabe ubhekene nokuphikiswa ngaphandle kwephutha ohlangothini lwakho? Izimo zakho azimehluli uNkulunkulu. Awuwedwa kulo mbango. Nakuba isimo singashintshi ngokushesha, noma uma kubonakala sengathi uNkulunkulu uthule, khumbula ukuthi uyabona, uyazi, futhi uyakhathalela. Thandaza, umtshele kahle ukuthi uzizwa kanjani, futhi ulinde Yena ukuthi athathele wena isinyathelo. Namuhla, ingabe uzoncika emandleni akho noma emandleni kaNkulunkulu ukuze uphumelele? Esikhundleni sokugxila enkingeni, themba futhi udumise Lowo onesixazululo - iNkosi uJesu Kristu.

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org