UKWESABA NGESIKHATHI SECORONAVIRUSIsampula

UNGAWUNYAKAZISI UMKHUMBI
Ngabe kubonakala sengathi uphakathi kwesiphepho esingalawuleki, esisongela impilo njengamanje, wesaba ukuqubuka kwe-coronavirus? Ukwesaba kungafana negagasi lamanzi elilungele ukukuqeda, unyakazise umkhumbi wakho. Ukwesaba, njengegagasi elikhulu, kungaba namandla futhi kungapheli. Ubuwazi ukuthi indawo enokuthula kunazo zonke uma uphakathi kwamagagasi ingaphansi kwegagasi? Akunandaba ukuthi igagasi likhulu kangakanani ngaphezulu, amanzi azoba nokuthula ezansi.
Ngaphambi kokuba uJesu athulise isiphepho, wabuza abafundi, ababeswele ukholo, "Kungani nisaba?" UNkulunkulu unamandla phezu kwazo zonke izivunguvungu ezimpilweni zenu, ngakho gcinani amehlo enu egxile Kuye. Lapho uzizwa ukhungathekile, yiba nokholo lokuthi unamandla okukundlulisa esivunguvungwini.
Mayelana naloluHlelo

Njengamanje sizithola sisesikhathini esigcwele ukukhathazeka okungakaze kwenzeka mayelana negciwane le corona. Ukwesaba okukhulu ngalolubhubhane cishe kubonakala sengathi kwesabalele njengalegciwane uqobo lwalo. Uma uzizwa onukuthuka nokwesaba ngalesisikhathi, lolu hlelo lomthandazo wezinsuku eziyisikhombisa lungolwakho. Uzokhuthazeka njengoba uthola ukuthula ezwini likaNkulunkulu, amandla nasemandleni Akhe, nethemba othandweni Lwakhe olungapheli kuwe.
More