UKWESABA NGESIKHATHI SECORONAVIRUSIsampula

UNKULUNKULU USESIHLALWENI SOMSHAYELI
Ngabe ufuna ukuba nobani esihlalweni somshayeli ngesikhathi sobhadane lwe-COVID-19 noma nganoma yisiphi esinye isimo esesabekayo, ngalokho? Ngabe kufanele kube ngabezindaba, osopolitiki, izinhlaka zikahulumeni, umkhakha wezempilo, imiphakathi kanye nemindeni? Vele, yonke imikhakha yomphakathi iyabandakanyeka ekulungiseleleni nasekubhekaneni nobhubhane, futhi kufanele sonke sisebenze ngokubambisana. Kodwa-ke, asikwazi ukukhohlwa indima edlalwa uNkulunkulu wethu ophakeme kukho konke lokhu.
UNkulunkulu uphethe. Ubelokhu ekhona futhi uyohlale ekhona. Ubesemgwaqweni wezinkinga kaningi ngaphambili, futhi Uyayazi indlela nomphumela. Ayikho ingozi, inkathazo, isimo, okanye izimo uNkulunkulu angazange alawule ngaphambilini. UNkulunkulu uhlale ekuqaphile ukuphepha kwakho, futhi uzoba nawe noma yikuphi lapho uya khona.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Njengamanje sizithola sisesikhathini esigcwele ukukhathazeka okungakaze kwenzeka mayelana negciwane le corona. Ukwesaba okukhulu ngalolubhubhane cishe kubonakala sengathi kwesabalele njengalegciwane uqobo lwalo. Uma uzizwa onukuthuka nokwesaba ngalesisikhathi, lolu hlelo lomthandazo wezinsuku eziyisikhombisa lungolwakho. Uzokhuthazeka njengoba uthola ukuthula ezwini likaNkulunkulu, amandla nasemandleni Akhe, nethemba othandweni Lwakhe olungapheli kuwe.
More