Umshanguzo: Ubhekana kanjani Nalezinsuku Ngaphandle KokwesabaIsampula

Isibindi ukukwazi ukwenza into oyesabayo. Kusukela ekudalweni, sifunda izindaba ngamadoda nabesifazane ababesaba. Kodwa wabe esefaka isibindo ekukholweni kwabo uma bebiza Yena.
Uma ubona abantu bethenga izihlanzi zezandla eziningi, insipho kanye nephepha langasese, zibuze ukuthi, baqutshwa yini? Ukuqongelela ngokweqile kuhlobene nokwesaba. lomoya uzala uvalo, ukuzihlukanisa, ukukhathazeka kanye nokuzwela okudlulele. Ngakhoke, kungaba yini impendulo yethu ngengomlandeli kaJesu kulezizinsuku zokungaqiniseki.?
Ake sithinteke ngobubele obujulile ngesibindi. Inselelo akuyona sinikezele esilingweni sokuhlehlela emuva or ukuzihlukanisa. Zincikele othandweni bese udedela uthando lukuhole kulezizinsuku. Uthando luyanqoba ukwesaba!
Ungaphendula kanjani?
- Yiba nesikhathi sokuthandaza kusukela eduzane kuya jikelele
- Cabanga ukuthenga izinto zempilo ezengeziwe bese unikezela ngazo kulabo abangakwazi ukuzikhona ukuzithenga.
- Khuluma ukuphila phezu kwempilo yomndeni wakho neyomphakathi.
- Yiba ngobongayo
Uma singama ndawonye sibe nothando, ububele kanye nokuphana, kanjalo ukwesaba kuyophelelwa ukuma. Umthandazo wami ngawe ukuthi ubambe isibindi uthokomale bese nomusa, ukuthi uyakumethemba loWo osinika ithemba. Ku Jeremiya 30:22, iNkosi iyasho ukuthi Uyakuba nguNkulunkulu wethu, thina siyakuba ngabantu baKhe.
Mayelana naloluHlelo

Kuyaphileka ngaphandle kokwesaba ezivunguvungwini nokungabaza. Kulesisifundo, uMandi Hart wembula ukwesaba okungavimba impilo yakho bese ekumema ukuthi wamukele ukubona ngehlo lombono kulezinsuku ezinzima.
More