Umshanguzo: Ubhekana kanjani Nalezinsuku Ngaphandle KokwesabaIsampula

Umhlaba wonke jikelele, abantu abanjengawe nami, badidekile ngenxa yokungabi nasiqiniseko, abanye bayesaba, abanye bayatatazele. Okukhulu kunakhokonke, lelizwe eligcwele ukwesaba lidinga uNkulunkulu ongasatshiswa. Ngihlala eNingizimu ne Afrika, kanti izwe lethu lihaqwe izinga eliphezulu lobugebengu, eminye yamazinga aphezulu esifo segciwane lesandulela Ngculazi/Negciwane lengculazi kundlondlobele ngakulendawo.
Impi enkulu ebhekene nomuntu akusona isifo sobhubhane i Corona kepha, ukwesaba kulethwa yizindaba esiziwayo. Ukwesaba kungenxa yezimo yezimo esikuzo noma esingangena kuzo. Kudala ukuthi imizwelo nemizimba yethu ibe nokukhathazeka kanye nokugula. Ngamanye amazwi ukwesaba kungenza isiphithiphithi esilimaza izimpilo zethu.
KuJeremiya 30:5, Ngokuba usho kanje uJehova uthi: Sizwile izwi lokuthuthumela elokwesaba kungengelokuthula. Ubhubhane lwe COVID-19 aluyimangazanga iNkosi. Noma simangele singenza isinqumo. Singaphendukela eNkosini sihlole ukusabela kwethu okuholwa uMoya oYingcwele, noma singaphendula ngokutatazela nokwesaba.
Yini ngobhubhane lwe-COVID-19 olukwenza uzizwe usaba? Ukwesaba ukwesuleleka, ukwesaba ukugula, ukwesaba ukulahlwa noma ukwesaba ukulahlekelwa? Kungaba nabamye. Balethe eNkosini ngomthandazo ukhethe ukubabeka ezinyaweni zakhe, Ungazenzisi, Mane ubalethe ekukhanyeni kwaKhe uvumele Yena akunike induduzo nokuhlakanipha.
Mayelana naloluHlelo

Kuyaphileka ngaphandle kokwesaba ezivunguvungwini nokungabaza. Kulesisifundo, uMandi Hart wembula ukwesaba okungavimba impilo yakho bese ekumema ukuthi wamukele ukubona ngehlo lombono kulezinsuku ezinzima.
More