Umshanguzo: Ubhekana kanjani Nalezinsuku Ngaphandle KokwesabaIsampula

Uma ngizithola ngibanjwa inkunzi kuhlonyiwe sinendodakazi yami ilele eceleni kwami, ukwesaba kwethula kwaba yisikhali esigcwele ukuhlasela empilweni yami. Ukwesaba kungaqhuma esigcawini noma kukhule kancane empilweniyakho. Ngobhubhane lwe-Corona, ibhebhetheka ngokushesha emhabeni wonke jikelele. Ungazizwa uwedwa noma, ukhathazekile, kodwa yima isibindi, awudingi ukwesaba izindaba ezimbi ngoba ithemba lakho liseNkosini.
Kunezinto ongazenza empilweni yakho ezingenza wonke umehluko,. Uma ngifunda amaHubo 91, ngizibona ngicabanga ngizibona ngingaphansi kwamakhulu amaphiko. Kuleyondawo, ngiphephile, futhi lapho uNkulunkulu uyangibonelela. Ungipha ukuhlakanipha, ukuhlolisisa, ukuphumulanokuvikeleka. Ungahlala kanjani eNkosini namhlanje bese usebensiza ukuqonda akuhlinzeka ngakho?
Elinye lezindinyana kuwona wonke lombhalo ngu 2 Thimothewu 1:7
Lapha ingxenye yokugcina ye vesi isikhumbuzisa ngokuthi uNkulunkulu usinike ingqondo ehluzekile. Kwamanye amahumusho, lithi usinike umoya wokuzithiba. Ngesi-Greki, ukuguqulwa kwamaletha ngukusōphronismou. Incazelo yaleligama idlulisa imicabango yokuzithiba, ukuzikhuza, ukwahlulela okunengqondo, kanye nokuqonda. Kusiholela emicabangweni yokuphepha kanye nokwenza intando kaNkulunkulu ngokufanele ngokwenza lokhu Akubiza ngokuthi ukubonisana okunengqondo nokuhluzeka kwengqondo. Lokhu kukhuluma ngokucabanga ngokugcwele, imicabango ecacile kanye nkwenza inqumo ezihlakaniphile.
Ungazoikhethela ukungavumeli ukwesaba okukhulu, ufunde izindaba ezivela emithonjeni ethembekile, kanti futhi ungathandaza.
Uma ufunda eziqephini zanamuhla ezihlukile, zibuze lemibuzo: Kungitshela ukuthi kuthini lokhu ngoNkulunkulu, ngingakusebenzisa kanjani lokhu empilweni yami? Uthini Yena kimina?
Mayelana naloluHlelo

Kuyaphileka ngaphandle kokwesaba ezivunguvungwini nokungabaza. Kulesisifundo, uMandi Hart wembula ukwesaba okungavimba impilo yakho bese ekumema ukuthi wamukele ukubona ngehlo lombono kulezinsuku ezinzima.
More