Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula

Konke okumnyama nokungacacile okwamanje ngolunye usuku kuzocaca, kucace ngokukhazimulayo nangenjabulo, njengoba sibonile. Yingakho uNkulunkulu eseluleka ukuba sibekezele. Kancane kancane konke kuzolethwa ekukhanyeni size siqonde njengoba uJesu Kristu aqonda. Lonke iphakade liyophakanyiswa ngokuqonda nokwazi uNkulunkulu, futhi, sibonga uNkulunkulu, singase siqale ukumazi lapha. Ukuphila okungcwelisiwe kusho ukuthi siqala ukuqonda uNkulunkulu futhi sibonakalise ukuphila kweNdodana kaNkulunkulu enyameni yethu efayo.
Lonke ulwazi esinalo ngoNkulunkulu lusigcwalisa ngenjabulo engachazeki. Uma siqonda uNkulunkulu kunoma yiliphi iphuzu sizokwazi okuthile ngenjabulo uJesu ayenayo. Kuyisipho esimangalisayo, kuyisimo sikaJesu.
Imibuzo Yokuzindla: Ingabe ngiyasijabulela isambulo sikaNkulunkulu esihamba kancane noma ngiphelelwa isineke ngenxa yokwenza Kwakhe ukungaphuthumi? Uma uNkulunkulu engajahile, kungani mina? Ngingalujabulela kanjani ulwazi uma ngingakujabuleli ukufumana?
Izingcaphuno ezithathwe ku-Our Brilliant Heritage, © Discovery House Publishers

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.
More
We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org