Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula

Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord

USUKU 14 KWEZINGU- 30

Injabulo ikholwa elingayinika uNkulunkulu kuyinjabulo emsulwa uNkulunkulu ake ayivumela kongcwele, futhi kuyalulaza ukubona ukuthi incane kangakanani intokozo esimnika yona. Sibeka ithemba lethu kuNkulunkulu kuze kube sezingeni elithile, bese sithi, “Manje kumelwe ngenze okusemandleni ami.” Kunezikhathi lapho kungekho khona okuhle komuntu okumele kwenziwe, lapho okuhle kakhulu kukaNkulunkulu kufanele kuyekwe kusebenze, futhi uNkulunkulu ulindele ukuthi labo bethu abamaziyo baqiniseke emsebenzini nasemandleni Akhe. Kumele sifunde ukuthi labadobi bafundeni, ukuthi uMbazi waseNazaretha wayazi kangcono kunabo ukuthi uphathwa kanjani umkhumbi. Ingabe uJesu Kristu unguMbazi, noma unguNkulunkulu kimi? Uma Engumuntu kuphela, kungani emvumela ukuba athathe ubuholi emkhumbini na? Kungani sithandaza kuYe? Kodwa uma EnguNkulunkulu, khona-ke yiba nesibindi ngokwanele ukuba uye endaweni yokukhinyabezeka futhi ungasebenzisi ukuthembela kwakho Kuye.

Imibuzo Yokuzindla: Ingabe ngike ngawucabangela umqondo wokuthi ngingakwazi noma kufanele ngijabulise uNkulunkulu? Ngiyazi yini ukuthi yini eletha injabulo kuNkulunkulu? Iziphi izindlela engingamjabulisa ngazo uNkulunkulu?

Ikhotheshini ithathwe kwi-The Place of Help, © Discovery House Publishers

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord

Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.

More

We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org