Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula

Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord

USUKU 11 KWEZINGU- 30

Kuyinto emangalisayo ukubona indoda noma owesifazane ephila ekukhanyeni kwento ongayiboni. Ungakwazi ukubona njalo lapho umuntu enezinga elingabonakali; kukhona into ebenza babe mnandi lapho uma ubheka ezinye izinto kufanelengabe bakhathazekile. Lolo wuphawu lomKristu. Akakhukhuleki ngezikhathi zobungozi. Unensika ebamba ngaphakathi kweveli. Lapho sazi ukuthi siyeza isikhathi lapho zonke izinto ziyochazwa ngokugcwele, kugcina umoya wethu ugcwele injabulo engenakunyakaziswa.

O Nkosi Nkulunkulu, lokho oyikho kimi ngiqala ukukubona kancane—ngaphezu kokukhanya kokusa, ngaphezu kwenjabulo nempilo, ngaphezu kwazo zonke izibusiso zaKho. Phumela kimi kabusha manje ekuseni futhi ungenze ngikhanyise konke ngokukhanya kwaKho.

Imibuzo Yokuzindla: Kuba kanjani lapho ngazi ukuthi lowo ophethe ikusasa uyangivimba ukuba ngilahlekelwe ithemba? Yikuphi ukukhanya okufanele ngigxile kukho ukuze ngihlale endleleni yenjabulo? Ngidinga ukulibeka kuphi ithemba lami ukuze ngigweme ukukhukhuleka endleleni?

Izingcaphuno ezithathwe kwi- The Place of Help futhi nethi- Knocking at God's Door, © Discovery House Publishers

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord

Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.

More

We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org