Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi ogama lakhe linguLevi ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele. Waseshiya konke, wasukuma, wamlandela. ULevi wamenzela idili elikhulu endlini yakhe, kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni. Kodwa ababhali babo labaFarisi bakhonona ngabafundi bakhe, besithi: Kungani lisidla linatha labathelisi lezoni? UJesu waphendula wathi kubo: Abaphilileyo abadingi melaphi; kodwa abagulayo. Angizanga ukubiza abalungileyo, kodwa izoni ekuphendukeni. Basebesithi kuye: Kungani abafundi bakaJohane bezila ukudla kanengi, bakhuleka, ngokunjalo labafundi babaFarisi; kepha abakho bayadla, baphuze na? Wathi kubo: Ningabazilisa yini abantwana bomyeni, umyeni esenabo na? Kodwa zizafika insuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; Wayesebalandisa nomfanekiso; Akakho obekela isiziba sengubo entsha engutsheni endala; uma kungenjalo, esitsha siyaklebhuka, nesiqeshana esikhishwe kwesitsha asihambisani nendala. Akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala; uba-ke iwayini elitsha lizaqhuma izimvaba, lichitheke, lezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha; futhi zombili ziyalondolozwa. Akakho othi ephuze iwayini elidala ahle afune elisha, ngokuba uthi: Elidala lingcono
Funda Luka 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 5:27-39
5 Days
Repentance is one of the key actions we all take in coming to know Christ as our personal Savior. Repentance is our action and forgiveness is God's reaction to us out of His perfect love for us. During this 5-day reading plan, you will receive a daily Bible reading and a brief devotional designed to help you better understand the importance of repentance in our walk with Christ. For more content, check out www.finds.life.church
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo