NgokukaLuka 5:27-39

NgokukaLuka 5:27-39 ZUL20

Emveni kwalokho uJesu waphuma, wabona umthelisi ogama lakhe nguLevi, ehleli endaweni okuthelwa kuyo, wathi kuye: “Ngilandele.” Wakushiya konke, wasukuma, wamlandela. ULevi wamenzela uJesu idili elikhulu endlini yakhe. Kwakukhona isixuku sabathelisi esikhulu nabanye ababehleli nabo esidlweni. AbaFarisi nezazimthetho bakhononda kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa labo abagulayo kuphela. Kangizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni, ukuze ziphenduke.” Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, futhi bakhuleke, kanjalo nababaFarisi, kodwa abakho bayadla, bayaphuza.” Kepha uJesu wathi kubo: “Ikhetho ningalenza yini lizile nxa umyeni esenalo na? Kepha izinsuku ziyeza lapho umyeni eyakususwa kulo, liyakuzila-ke ngalezo zinsuku.” Wabatshela futhi nomzekeliso othi: “Akukho muntu oklebhula isichibi engutsheni entsha achibele ngaso ingubo endala. Uma enza lokho, zombili ziyakuklebhuka, isichibi esisha siklebhule ingubo endala. Akukho muntu futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini elisha lidabule izimvaba, lichitheke, bese konakala nezimvaba. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. Akukho muntu othi esephuze iwayini elidala, abuye afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”

Ividiyo ye- NgokukaLuka 5:27-39