NgokukaLuka 5:27-39
NgokukaLuka 5:27-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi ogama lakhe linguLevi ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele. Waseshiya konke, wasukuma, wamlandela. ULevi wamenzela idili elikhulu endlini yakhe, kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni. Kodwa ababhali babo labaFarisi bakhonona ngabafundi bakhe, besithi: Kungani lisidla linatha labathelisi lezoni? UJesu waphendula wathi kubo: Abaphilileyo abadingi melaphi; kodwa abagulayo. Angizanga ukubiza abalungileyo, kodwa izoni ekuphendukeni. Basebesithi kuye: Kungani abafundi bakaJohane bezila ukudla kanengi, bakhuleka, ngokunjalo labafundi babaFarisi; kepha abakho bayadla, baphuze na? Wathi kubo: Ningabazilisa yini abantwana bomyeni, umyeni esenabo na? Kodwa zizafika insuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; Wayesebalandisa nomfanekiso; Akakho obekela isiziba sengubo entsha engutsheni endala; uma kungenjalo, esitsha siyaklebhuka, nesiqeshana esikhishwe kwesitsha asihambisani nendala. Akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala; uba-ke iwayini elitsha lizaqhuma izimvaba, lichitheke, lezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha; futhi zombili ziyalondolozwa. Akakho othi ephuze iwayini elidala ahle afune elisha, ngokuba uthi: Elidala lingcono
NgokukaLuka 5:27-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emveni kwalokho uJesu waphuma, wabona umthelisi ogama lakhe nguLevi, ehleli endaweni okuthelwa kuyo, wathi kuye: “Ngilandele.” Wakushiya konke, wasukuma, wamlandela. ULevi wamenzela uJesu idili elikhulu endlini yakhe. Kwakukhona isixuku sabathelisi esikhulu nabanye ababehleli nabo esidlweni. AbaFarisi nezazimthetho bakhononda kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa labo abagulayo kuphela. Kangizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni, ukuze ziphenduke.” Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, futhi bakhuleke, kanjalo nababaFarisi, kodwa abakho bayadla, bayaphuza.” Kepha uJesu wathi kubo: “Ikhetho ningalenza yini lizile nxa umyeni esenalo na? Kepha izinsuku ziyeza lapho umyeni eyakususwa kulo, liyakuzila-ke ngalezo zinsuku.” Wabatshela futhi nomzekeliso othi: “Akukho muntu oklebhula isichibi engutsheni entsha achibele ngaso ingubo endala. Uma enza lokho, zombili ziyakuklebhuka, isichibi esisha siklebhule ingubo endala. Akukho muntu futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini elisha lidabule izimvaba, lichitheke, bese konakala nezimvaba. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. Akukho muntu othi esephuze iwayini elidala, abuye afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”
NgokukaLuka 5:27-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi, igama lakhe nguLevi, ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Washiya konke, wasukuma, wamlandela. ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni. AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?” Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.” Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.” Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.” Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha. Akakho othi ephuze iwayini elidala, afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”
NgokukaLuka 5:27-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)