EkaJakobe 2

2
Abazalwane Mabangakhethi Muntu
1 Bazalwane bami, ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Khristu, iNkosi yenkazimulo, makungabi nokukhetha abantu. 2 Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu ofake indandatho yegolide emnweni wakhe, egqoke nezingubo zakwanokusho, bese kungena nompofu ogqoke izingubo ezimbi, 3niyabheka, bese nithi kogqoke izingubo zakwanokusho: “Hlala lapha wena kule ndawo enhle,” bese nithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami.”
4 Anibandlululanga yini phakathi kwenu, naba ngabehluleli abanemidlinzo emibi na?
5 Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na? 6 Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na? 7Akusibo yini abahlambalaza igama elihle enibizwa ngalo na?
8 Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle. 9 Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, umthetho univeza obala njengezephulamthetho. 10 Ngokuba ogcina wonke umthetho, kodwa akhubeke kowodwa nje, unecala kuwo wonke. 11 Ngokuba lowo owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi, kodwa ubulala, uyisephulamthetho.
12 Ngakho khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengokufanele abayakwehlulelwa ngomthetho wenkululeko. 13 Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.
Ukukholwa Nemisebenzi
14 Kusiza ngani, bazalwane bami, uma umuntu ethi uyakholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? 15 Uma umzalwane noma umzalwanekazi ehlubule, eswele ukudla imihla ngemihla, 16 bese omunye wenu ethi kuye: “Hamba ngokuthula, uthokomale; usuthe,” kodwa engamuphi lokho okudingwa ngumzimba, kusiza ngani lokho na? 17Kanjalo-ke uma ukukholwa kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.
18 Kepha omunye uyakuthi: “Unokukholwa, mina nginemisebenzi;” ngikhombise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, mina ngizakukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami. 19 Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; ingani namadimoni ayakholwa, futhi athuthumele.
20Siwula ndini, uyathanda yini ukwazi ukuthi ukukholwa okungenayo imisebenzi kuyize na? 21 U-Abhrahama, ukhokho wethu, akalungisiswanga yini ngemisebenzi lapho enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-althare na? 22 Uyabona ukuthi ukukholwa kwakusebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi. 23 Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.”
Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu. 24 Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, hhayi ngokukholwa kuphela.
25 Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na? 26Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

Okuqokiwe okwamanje:

EkaJakobe 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo