EkaJakobe 1

1
Isibingelelo
1 Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.
Ukuyala Ngezilingo
2 Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela, 3 nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. 4 Ukukhuthazela makube nomphumela opheleleyo, ukuze nibe ngabakhulile nabapheleleyo, nabangaswele lutho. 5 Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho. 6 Kepha makacele ngokukholwa, engangabazi nakancane, ngokuba ongabazayo ufana nedlambi lolwandle elidudulwa ngumoya, ulise le nale. 7Ngakho-ke lowo muntu makangasho ukuthi uyakwemukeliswa utho yiNkosi, 8 ngokuba ungumuntu ongqondo imbaxambili, engazinzile ezindleleni zakhe zonke.
Mayelana Nobumpofu Nokuceba
9 Umzalwane ompofu makazincome ngokuphakanyiswa kwakhe, 10 noyisicebi azituse ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba uyakushabalala njengembali yotshani. 11 Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunise utshani, imbali ekubo ivuthuke, nobuhle bokubukeka kwayo bunyamalale; kanjalo-ke nesicebi siyakushabalala ezindleleni zaso.
Mayelana Nokulingwa
12 Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.
13 Makungabi bikho muntu othi uma elingwa, athi: “Ngilingwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angelingwe ngokubi, naye luqobo kalingi muntu. 14 Kepha yilowo nalowo muntu ulingwa, ahuhwe yizinkanuko zakhe, futhi ahuheke. 15 Phela uma inkanuko isibambile, izala isono; nesono uma sesiphelelisiwe, sizala ukufa.
16 Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa. 17 Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. 18 Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.
Mayelana Nokukholwa Okunezenzo
19 Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela. 20 Ngokuba ulaka lomuntu aluzuzi ukulunga kukaNkulunkulu. 21 Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nobubi okukini, namukele ngobumnene izwi elitshalwe kini, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
22 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa. 23 Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; 24uyazibuka, athi angahamba, akhohlwe masinyane ukuthi ubenjani. 25 Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
26 Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize. 27 Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.

Okuqokiwe okwamanje:

EkaJakobe 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo