2 KaJohane 1

1
1 Ilunga, kuye owesifazane okhethiweyo nakubantwana bakhe, engibathanda ngokweqiniso; hhayi mina ngedwa, kodwa bonke abalaziyo iqiniso; 2 ngenxa yeqiniso elihlala kithi, neliyakuhlala kithi kuze kube phakade. 3 Umusa, isihawu nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuJesu Khristu iNdodana kaYise ngokweqiniso nangothando, kuzakuba nathi.
Ukuyala Ngothando
4 Ngithokozile kakhulu, ukuthi ngitholile ukuthi abanye babantwana bakho bahamba eqinisweni, njengokomyalo esiwamukele kuBaba. 5 Kepha manje ngiyakunxusa nkosikazi, kungekungathi ngikulobela umyalo omusha, kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni owokuba sithandane. 6 Uthando yilolu-ke, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo, njengalokho nawuzwa kwasekuqaleni, okumelwe sihambe ngawo.
Ukuxwayisa Ngabakhohlisi Nangomphikukristu
7 Baningi abakhohlisi abaphumele ezweni; labo abangavumi ukuthi uJesu Khristu uze emhlabeni waba ngumuntu. Lowo osho kanjalo ungumkhohlisi nomphikukhristu. 8 Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho namukele umvuzo opheleleyo. 9 Lowo oweqisayo, engemi esifundisweni sikaKhristu, akanaye uNkulunkulu; kodwa ohlezi esifundisweni, unaye uYise neNdodana. 10 Uma kufika kini umuntu, engafundisi lesi sifundiso, ningamemukeli endlini yenu, futhi ningambingeleli. 11 Ngokuba ombingelelayo uyobe uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.
Isiphetho
12 Kuningi ebenginokunilobela ngakho, kodwa angithandanga ukukuloba ephepheni ngoyinki. Ngiyethemba ukuthi ukuza kwami kini, ngikhulume nani bukhoma, kuyokwenza ukuthokoza kwethu kuphelele.
13Bayakhonza kuwe abantwana bakadadewenu okhethiweyo.

Okuqokiwe okwamanje:

2 KaJohane 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo