1 KaJohane 5

5
Ukukholwa Namandla Akho Okunqoba
1 Yilowo nalowo okholwa wukuthi uJesu unguKhristu, uzelwe nguNkulunkulu. Lowo othanda ozelweyo uthanda nomzeleyo. 2 Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe. 3 Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima. 4 Konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe, lokhu kungukunqoba okunqobe izwe: ukukholwa kwethu. 5 Ngubani onqoba izwe uma kungesiye lowo okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
Ubufakazi NgoJesu
6 UJesu weza ngamanzi wabhabhadiswa, akubanga ngamanzi qha, kodwa kwaba nangegazi lakhe, lokhu noMoya oNgcwele uyafakaza ngalokho, ngokuba unguMoya weqiniso. 7 Ngokuba bathathu ofakazi: 8uMoya, amanzi negazi. Bobathathu bavumelana ngento eyodwa. 9 Uma sibemukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe. 10 Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi ngaphakathi kuye. Ongakholwayo, umenze umqambimanga uNkulunkulu, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe. 11 Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. 12 Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
13 Nginilobele lokho ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. 14 Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. 15 Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
16 Uma umuntu ebona umzalwane wakhe enza isono okungeyiso esibhubhisayo, lo ombonileyo makamcelele kuNkulunkulu ukuphila lokhu akunika labo abasuke benze isono okungesona esibhubhisayo. 17 Konke ukungalungi kuyisono, kodwa kukhona isono esingesiso esokufa.
18 Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti. 19 Siyazazi ukuthi thina singabakaNkulunkulu, nokuthi umhlaba wonke ubuswa ngamandla obubi. 20 Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.
21 Bantwanyana, dedani ezithombeni ezibaziweyo.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KaJohane 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo