KwabaseRoma 11:7-12

KwabaseRoma 11:7-12 ZUL59

Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo, amehlo okungaboni, nezindlebe zokungezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.” NoDavide uthi: “Itafula labo malibe yisihibe nogibe, nesikhubekiso nempindiselo kubo, kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni, ugobe umhlane wabo njalo.” Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu. Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.