AmaHubo 93

93
UJehova uyinkosi
1UJehova uyinkosi,
wembethe ubukhosi;
uJehova wembethe, ubhince amandla.
Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.
2 Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo;
wena ukhona kwaphakade.
3 Imifula iphakamisile, Jehova,
imifula iphakamisile ukuholoba kwayo;
imifula iphakamisa ukuduma kwayo.
4 UJehova ophakeme unamandla
kunokuholoba kwamanzi amaningi,
kunokuduma kwamadlambi olwandle.
5 Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu.
Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova,
kuze kube phakade.

Seçili Olanlar:

AmaHubo 93: ZUL59

Vurgu

Kopyala

Karşılaştır

Paylaş

None

Önemli anlarınızın tüm cihazlarınıza kaydedilmesini mi istiyorsunuz? Kayıt olun ya da giriş yapın