AmaHubo 92

92
Ukubonga ubumnene nokulunga kukaJehova
Ihubo. Igama losuku lwesabatha.
1 Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;
2 ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,
3 ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi,
nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.
4 Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho;
ngiyakumemeza ngokujabula.
5 Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova.
Imicabango yakho ijulile kakhulu.
6Umuntu oyisilima angekucabange,
nesiwula asikuboni.
7Noma ababi behluma njengotshani,
nezigangi noma ziqhakaza zonke,
kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.
8Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.
9Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova,
bheka, izitha zakho, ziyakubhubha;
bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.
10Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi,
ngigcotshwa ngamafutha amasha.
11Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami,
nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.
12 Olungileyo uyahluma njengesundu,
uyakhula njengomsedari* eLebanoni.
13 Batshaliwe endlini kaJehova,
bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.
14Nasebudaleni bayakuthela izithelo,
bahlume babe luhlaza,
15 ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile;
uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

Seçili Olanlar:

AmaHubo 92: ZUL59

Vurgu

Kopyala

Karşılaştır

Paylaş

None

Önemli anlarınızın tüm cihazlarınıza kaydedilmesini mi istiyorsunuz? Kayıt olun ya da giriş yapın