AmaHubo 131

131
Ukuzithobela uJehova
Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.
1Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali,
amehlo ami awaziphakamisi;
angingeni ezindabeni ezinkulu
nasezintweni ezingahlulayo.
2Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami;
njengomntwana olunyuliweyo kunina,
njengolumulekileyo,
unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.
3Israyeli, yethemba uJehova
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Seçili Olanlar:

AmaHubo 131: ZUL59

Vurgu

Kopyala

Karşılaştır

Paylaş

None

Önemli anlarınızın tüm cihazlarınıza kaydedilmesini mi istiyorsunuz? Kayıt olun ya da giriş yapın