AmaHubo 130
130
Umkhuleko wokuthethelelwa nokukhululwa
Igama lokukhuphuka.
1 Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
2Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.
3 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko,
Nkosi, ngubani ongema na?
4 Kepha ukuthethelela kukuwe,
ukuze wesatshwe.
5Ngiyalindela uJehova,
umphefumulo wami uyalinda;
ngiyalethemba izwi lakhe.
6Umphefumulo wami uyalindela iNkosi
kunabalindi belindela ukusa.
7 U-Israyeli makamethembe uJehova,
ngokuba umusa ukuJehova,
nokukhulula okuningi kukuye.
8 Uyakumhlenga u-Israyeli
eziphambekweni zakhe zonke.
Seçili Olanlar:
AmaHubo 130: ZUL59
Vurgu
Kopyala
Karşılaştır
Paylaş
Önemli anlarınızın tüm cihazlarınıza kaydedilmesini mi istiyorsunuz? Kayıt olun ya da giriş yapın
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.