YouVersion Logo
Search Icon

UZefaniya 2

2
Ukwahlulelwa kwezizwe
1 Buthanani, yebo, buthana,
sizwe esingenamahloni,
2isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhoba
lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova,
lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.
3 Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba
enisebenzile ukwahlulela kwakhe;
funani ukulunga; funani ukuthobeka;
mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.
4Ngokuba iGaza liyakushiywa,
i-Ashikeloni libe yincithakalo;
bayakulixosha i-Ashidodi emini,
i-Ekroni lisishulwe.
5 Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle,
isizwe samaKhereti!
Izwi likaJehova liphezu kwakho, Khanani,
lizwe lamaFilisiti.
“Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.”
6Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo,
lube nemigodi yabelusi nezibaya zezimvu.
7Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda,
yaluse kulo;
ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa,
ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela,
abuyise ukuthunjwa kwabo.
8 “Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabi
nezithuko zabantwana bakwa-Amoni abathuke ngazo abantu bami,
bazikhulisela imikhawulo yabo.
9 Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti,
uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:
“Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma,
nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora,
izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti
nencithakalo yaphakade;
insali yabantu bami iyakubaphanga,
nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”
10Lokhu kuyakuba sesikhundleni sokuziphakamisa kwabo,
ngokuba bathukile,
bazikhulisela abantu bakaJehova Sebawoti.
11UJehova uyakwesabeka phezu kwabo,
ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba,
bakhuleke kuye,
kube yilowo nalowo endaweni yakhe,
zonke iziqhingi zezizwe.
12“Nani maKushe
niyakubulawa ngenkemba yami.”
13 Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho,
achithe i-Asiriya,
alenze iNineve libe yincithakalo,
lome njengehlane.
14 Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo,
zonke izilwane zesizwe,
ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku ezihlokweni zezinsika zalo,
isikhova sikhale emafasiteleni,
kube khona incithakalo emigulugulwini,
ngokuba wambulile okwemisedari.*
15 Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile,
owathi enhliziyweni yawo:
Mina ngikhona, akakho omunye;
yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane!
Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa,
banikine isandla sabo.

Currently Selected:

UZefaniya 2: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy