Λογότυπο YouVersion
Εικονίδιο αναζήτησης

IGenesisi 4

4
Inzondo KaKhayini Ngo-Abela
1U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.”
2 Wabuye wazala enye indodana wayiqamba ngokuthi ngu-Abela. U-Abela wayengumelusi, uKhayini engumlimi.
3Kwathi ngokuhamba kwezinsuku uKhayini waletha kuSimakade umnikelo wezithelo zomhlabathi. 4 U-Abela naye waletha amazibulo emfuyo yakhe, wanikela ngezitho zawo ezinonileyo. USimakade wamnaka u-Abela nomnikelo wakhe, 5 kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni.
6USimakade wambuza uKhayini wathi: “Uthukutheleleni na? Bunyukubaleleni ubuso bakho na? 7 Uma wenza okuhle, awuzukwamukela okuhle yini na? Uma ungenzi kahle, isono sisemnyango, siyakunyonyobela; sifuna wena, kodwa wena sinqobe.”
8 UKhayini wathi ku-Abela umnawakhe: “Asihambe siye endle.”
Kuthe sebefike endle, uKhayini wambhudukeza umnawakhe wambulala.
9 USimakade wambuza uKhayini wathi: “Uphi umnawakho u-Abela na?”
UKhayini waphendula wathi: “Angazi. Kanti ngingumlindi womfowethu yini na?”
10 Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini! 11 Usuqalekisiwe emhlabathini lona ovule umlomo wawo wemukela igazi lomnawakho olichithele kuwo ngesandla sakho. 12 Uma ulima, umhlabathi awuyikukunika sivuno; uzoba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”
13UKhayini wathi kuSimakade: “Ngeke ngisimele lesi sijeziso, siyangisinda. 14 Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”
15 USimakade wathi kuye: “Akusoze kwenzeka lokho, ngoba uma umuntu ekubulala, uyojeziswa kasikhombisa.”
USimakade wayesembeka uphawu uKhayini ukuze lwexwayise noma ngubani ohlangana naye angambulali. 16UKhayini wasuka phambi kukaSimakade, wahamba wayohlala eNodi, empumalanga ye-Edeni.
Inzalo KaKhayini Nezizukulwane
17UKhayini walala nomkakhe wakhulelwa, wazala u-Enokhi. UKhayini wakha umuzi wawuqamba ngegama lendodana yakhe u-Enokhi. 18U-Enokhi wazala u-Iradi, uyise kaMehujayeli, uMehujayeli wazala uMethushayeli, uMethushayeli wazala uLameki.
19 ULameki waganwa ngabafazi ababili, u-Ada noZila. 20U-Ada wazala uJabhali, ukhokho walabo abahlala emathendeni abangabafuyi bemihlambi. 21Igama lomnawakhe nguJubhali. Yena wayengukhokho walabo ababengababethi bogubhu nomtshingo. 22UZila wazala uThubhali Khayini, owayengumkhandi wazo zonke izinhlobo zezinto ezenziwe ngethusi nangensimbi. Udadewabo kaThubhali Khayini kwakunguNahama.
23 ULameki wathi komkakhe:
“We Ada noZila,
ake ningilalele!
Bafazi bakaLameki,
yizwani engikushoyo!
Ngibulale umuntu ngoba engilimazile,
nensizwa ngokungishaya kwayo.
24 Uma uKhayini eyophindiselwa kasikhombisa,
uLameki uyophindiselelwa
kamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.”
Izizukulwane ZikaSethi
25 U-Adamu waphinde walala nomkakhe, wayesezala indodana wayiqamba igama wathi nguSethi, ngokuba wathi:
“UNkulunkulu uphinde wangipha
enye ingane esikhundleni sika-Abela,
ngokuba uKhayini wambulala.”
26 USethi naye wazibula ngendodana wayiqamba ngokuthi ngu-Enoshe. Baqala lapho-ke abantu ukukhuleka egameni likaSimakade.

Επιλέχθηκαν προς το παρόν:

IGenesisi 4: ZUL20

Επισημάνσεις

Κοινοποίηση

Αντιγραφή

None

Θέλετε να αποθηκεύονται οι επισημάνσεις σας σε όλες τις συσκευές σας; Εγγραφείτε ή συνδεθείτε

Η YouVersion χρησιμοποιεί cookies για να εξατομικεύσει την εμπειρία σας. Χρησιμοποιώντας τον ιστότοπό μας, αποδέχεστε τη χρήση των cookies όπως περιγράφεται στην πολιτική απορρήτου