Λογότυπο YouVersion
Εικονίδιο αναζήτησης

IGenesisi 3

3
Ukuwela Kwabantu Esonweni Nokujeziswa Kwabo
1 Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”
2 Waphendula owesifazane wathi: “Uthe singazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini, 3kodwa uNkulunkulu wathi: ‘Ningasidli isithelo somuthi omile phakathi nensimu, futhi ningasithinti ngoba niyokufa nokufa.’ ”
4 Kepha inyoka yathi kowesifazane: “Ngeke nife neze. 5 Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.”
6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla. 7 Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.
8 Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi. 9 USimakade uNkulunkulu wammemeza umuntu wathi: “Ukuphi na?”
10 Waphendula wathi: “Ngizwe izigi zakho ensimini, ngase ngesaba ngoba ngihamba ze, ngacasha.”
11Wathi kuye: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na? Ngabe udlile yini kulowo muthi engakudonsa ngendlebe ngathi ungadli kuwo na?”
12 Umuntu waphendula wathi: “Lo wesifazane owanginika yena, nguyena onginike isithelo somuthi, nami-ke ngasidla.”
13 USimakade uNkulunkulu wabuza kowesifazane wathi: “Ukwenzeleni lokhu na?”
Waphendula wathi: “Yinyoka engiluthile, ngasidla.”
14 USimakade uNkulunkulu wathi enyokeni:
“Ngokuba wenze lokhu,
usuqalekisiwe kunezilwane zonke ezifuywayo,
nezilwane zonke zasendle.
Uyohuquzela ngesisu,
udle uthuli izinsuku zonke
zokuphila kwakho.
15 Ngizokwenza ubutha
phakathi kwakho nowesifazane,
ngizonenza nizondane
nenzalo yowesifazane.
Inzalo yowesifazane
iyochoboza ikhanda leyakho,
nenzalo yakho
ishaye isithende
senzalo yakhe.”
16 Kowesifazane wathi:
“Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe,
uzwe iminjunju lapho ubeletha.
Uyohlala ulangazelela indoda yakho,
yona ikubuse.”
17 Endodeni wathi:
“Ngenxa yokuba ulalele umkakho,
wadla isithelo engikudonse ngendlebe
ngathi ungasidli,
ngalokho umhlabathi usuqalekisiwe ngenxa yakho.
Uyokhandleka ukuze uthole ukudla kuwo,
izinsuku zonke zokuphila kwakho.
18Umhlabathi uyokuvezela ameva namakhakhasi,
uphile ngokudla okuvela kuwo.
19 Uyokujulukela ukudla oyokudla,
uze ubuyele emhlabathini
owathathwa kuwo,
njengoba uwuthuli,
uyobuyela othulini.”
20 Indoda yamqamba umkayo ngokuthi ngu-Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo. 21USimakade uNkulunkulu wenzela indoda nomkayo iziphuku, wabembathisa.
Ukuxoshwa Kuka-Adamu No-Eva Ensimini
22 USimakade uNkulunkulu wathi: “Bhekani, umuntu usefana nathi, useyakwazi okuhle nokubi. Akanqandwe ukuba angalokothi adle isithelo somuthi wokuphila, bese ephila ingunaphakade.”
23USimakade uNkulunkulu wayesemxosha umuntu ensimini yase-Edeni, wamkhipha ukuba ayolima umhlabathi ayebunjwe ngawo. 24 Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.

Επιλέχθηκαν προς το παρόν:

IGenesisi 3: ZUL20

Επισημάνσεις

Κοινοποίηση

Αντιγραφή

None

Θέλετε να αποθηκεύονται οι επισημάνσεις σας σε όλες τις συσκευές σας; Εγγραφείτε ή συνδεθείτε

Η YouVersion χρησιμοποιεί cookies για να εξατομικεύσει την εμπειρία σας. Χρησιμοποιώντας τον ιστότοπό μας, αποδέχεστε τη χρήση των cookies όπως περιγράφεται στην πολιτική απορρήτου