UJona 4:10-11
UJona 4:10-11 CZB24
Wayesethi uJehova: “Wena wawuhawukele umhlakuva, ongawusebenzelanga, ongawuyekanga ukhule; owavuka ngobusuku bunye wabhubha ngobusuku bunye; Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNineve, umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; nezinkomo eziningi na?

