Imininingwane ngohlelo

Konke Kuzolile: Ukuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi Isampula

All Is Calm: Receiving Jesus' Rest This Christmas

USUKU 1 KWEZINGU- 5

Usuku Lokuqala: Isizathu Sokudinga Ukuphumula NgoKhisimuzi


“Deck the halls with boughs of holly,” liqala kanjalo iculo likaKhisimuzi. Futhi senze njalo.


Abanye bethu balungiselela uKhisimusi lapho kuqala isimo sezulu esibandayo, kanti abanye bahlehlisa okungenakugwemeka isikhathi eside ngangokunokwenzeka.


Kepha kwesinye isikhathi sonke siyabambeka kwisivunguvungu somsebenzi- iningi lawo liyajabulisa kodwa liyakhathaza, lishiya imiphefumulo yethu izizwa igcwele kodwa futhi ingenalutho. Imvamisa, kuphakathi kwalesi siphithiphithi senjabulo yeholide lapho sizibuza buthule, “Ingabe yilokhu kuphela okukhona?” Izindaba ezimnandi ukuthi ngaphesheya kwakho kenke ukuphithizela, iNdodana kaNkulunkulu yeza yaba umuntu.


UNkulunkulu uyazi ukuthi sinokuba matasatasa. Lesi ngesinye sezizathu azakhela usuku lokuphumula kuma-Israyeli njalo ezinsukwini eziyisithupha — ukuze bamise kancane ukwenza kwabo futhi babone ubuhle bukaNkulunkulu wabo, ukuthi bayamdinga, nesipho Sakhe sokuthula.


Ngokuzijwayeza ukuphumula, siyavuma ukuthembeka kukaNkulunkulu: noma siyeka ukusebenza, uNkulunkulu uyaqhubeka nokubamba umhlaba wethu ndawonye.


Kulo nyaka ngiyakumema, njengoba iNkosi noMsindisi wethu yamema abafundi Bayo, ukuthi babe Naye baphumule, behlise ijubane futhi bathole injabulo yesikhathi sikaKhisimusi phakathi kwamasiko akho eholide owathandayo.


Kodwa kubukeka kanjani lokho?


Ezinsukwini ezine ezilandelayo, sizozijwayeza ukukhonza ngokuzola sisebenzisa isigama elithi PHUMULA: khumbula ubuhle baKhe, zwakalisa ukuswela kwakho, funa ukuthula Kwakhe, futhi uthembe ukwethembeka Kwakhe.


Ngabe uzosamukela isimemo Sakhe kule sizini sikaKhisimusi? Woza isikhashana, uphumule.


Umkhuleko: O Nkosi, Ungazi kahle. Uyazi ukuthi ngilangazelela isikhathi esimnandi nomndeni nabangane, kodwa ngiyaziqhenya, ngenza kuze kweqe, bese ekugcineni, ngibe nengcindezi enkulu bese kuba buhlungu futhi. Angikufuni lokho kulonyaka. Ngakho ngiza Kuwe ngezandla ezifudumele nenhliziyo evulekile. Ngilapha. Ngifundise ukugubha ukuzalwa koMsindisi wethu endaweni yokuphumula. Thuthukisa inhliziyo yami ukuzibuza ngobuhle baKho bese ngicula udumo lwakho. Amen.


Ufuna Okunye? Download-aUnwrapping the Names of Jesus bundle bese uthola i-Names of Jesus prayer journal, Rest prayer bookmark, ne-printable Prayer for Christmas Rest.


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

All Is Calm: Receiving Jesus' Rest This Christmas

Isikhathi senjabulo, futhi isikhathi sokubamatasa. Thatha umzuzwana wokuphumula nokudumisa ozokugcina ngalesisikhathi senjabulo nentsebenzo. Loluhlelo lokuzinikela lusekelwe incwadi ethi Unwrapping the Names of Jesus: An...

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://onethingalone.com/advent

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo