Yilwa Imfundiso yamadodaIsampula

Fight Devotional For Men

USUKU 7 KWEZINGU- 11

Izinto Zezihlabani

Uwilliam Wallace. Umaximus Decimus Meridius. Inkosi uLeonidas. Izihlabani zama-movie.

U-Muhammad Ali. u-Babe Ruth. u-Bill Russell. Izihlabani zemidlalo.

Umichael Jackson. AmaBeatles. u-Bob Marley. Izihlabani zomculo.

Ingabe zonke lezi zihlabani zifana ngani? Abakufezile kubonakale kukhulu kunokuphila. Ngezinye izikhathi ezindabeni zabo, ngamunye wabo babebonakala bengenakunqotshwa. Futhi izindaba zabo zazikhuthaza kangangokuthi amadoda ayelokhu ezilandisa ngokuphindaphindiwe, ekugcineni aguqule imininingwane ibe inganekwane, izindaba eziqhubeka nokubakhona isikhathi eside ngemva kokuba isikhathi sabo sesidlulile.

Usamsoni waba nomzuzu onjalo, futhi, esizofunda ngawo namuhla. Umzuzwana ahlanganyela namanye amadoda ayinkulungwane.

Ukwenza kanjani uSamsoni? Akungabazeki ukuthi kwakungamandla kaNkulunkulu: “Umoya weNkosi wehlela phezu kwakhe ngamandla.” Wonke amandla, lonke udumo, olukaNkulunkulu futhi uNkulunkulu kuphela. Ujesu wake wathi kuNkulunkulu akukho okungenzeki. Unkulunkulu uyazenza izinto afuna zenziwe.

Ngeshwa, enye into ozoyibona namuhla (kubaHluleli 15:16) ukuthi uSamsoni uthatha udumo ngamandla kaNkulunkulu. Wayezidla. Ukuzikhukhumeza njalo kubangelwa ukungazethembi kwethu. Uma singazazi ukuthi singobani kuKristu, iningi lethu libheka ekuziqhenyeni ukuze sizame ukuvala leso sikhala—njengoba kwenza uSamsoni.

Abaningi bethu bazama ukuzichaza ngalokho esikufezile, ukuze sithole ukubaluleka kwethu kulokho esikwenzile, esikhundleni saLowo esikuye. Sifuna ukuncika ekuphumeleleni kwethu, ekunqobeni kwethu, ezindebeni zethu, ekuwineni kwethu ukuze kusichaze, esikhundleni sokuvuma uNkulunkulu njengomthombo wazo zonke izinto ezinhle ezimpilweni zethu. Futhi njengoSamsoni, sifuna ukuthola udumo. Sifuna ukwaziwa “njengomnqobi,” “isilwane,” “umholi,” “umuntu womuntu,” “umuntu othile.”

Ukuziqhenya kungadakisa. Kodwa ukuhuheka isihogo. Singabantu; sinakho (okuningi) ukusivimbayo, futhi sidinga ukuncika kuNkulunkulu. Uma ulahlekelwa umbono wokuthi ungubani futhi uzama ukuzenza ukuthi uyisihlabani, uzolahlekelwa impumelelo eyiqiniso ekuphileni kwakho: ukuthi uNkulunkulu owenze umhlaba wonke ukubiza ngokuthi uyindodana yakhe.

Yini ekuchazayo? Khumbula, uthola le mpilo eyodwa kuphela. Igama likabani ozama ukulenza libe lihle?

Mayelana naloluHlelo

Fight Devotional For Men

UMbhali owuMfundisi uCraig Groeschel usiza amadoda ukuba ambulekelwe ukuthi empeleni wona angobani —indoda eyiqhawe elinamandla. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-11 lubheka ukuphila kukaSamsoni—indoda enamandla kodwa ebuye ibe nobuthakathaka obusobala. Kulwele lokhu uNkulunkulu akwenze waba yikho. Ungalwi njengendoda ejwayelekile. Yilwa njengendoda kaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://craiggroeschel.com/