Yilwa Imfundiso yamadodaIsampula

Fight Devotional For Men

USUKU 2 KWEZINGU- 11

Ukujaha Izinto Ezingalungile

USamsoni wayeyindoda enamandla kunawo wonke awake aphila. Ngemisipha yomlngisi u- Hulk, umlomo kaTony Stark, nezinwele zikaThor, ngokuyisisekelo wayefana nama-Avengers amathathu lilinye.

Kodwa nakuba kuningi okwakumlindele—ekhethwe uNkulunkulu, ebusiswe ngamandla angaphezu kwawemvelo—uSamsoni akakwazanga ukubalekela amaphutha akhe. Ngokuphindaphindiwe, wayeshisekela izinto ezingalungile. Ubuthakathaka bakhe baqhubeka bamthola kahle kakhulu.

Njengoba uzobona namuhla, obunye balabo buthakathaka kwakuyinkanuko. KubaHluleli 14:1–2, uSamsoni waya endaweni engafanele—ngamabomu. IThimna yayiyizwe lesitha, idolobha lamaFilisti. Wayengenamsebenzi wokuba lapho. Khona-ke phezu kwalokho, wayefuna into engalungile lapho. Watshela abazali bakhe ukuthi wayeshisekela owesifazane ongumFilisti ayembena lapho, futhi wayefuna ukumshada. Kodwa uNkulunkulu wayebatshele ngokuqondile abantu bakhe ukuthi bangashadi nabanye abangamkhonzi.

Kuthiwani ngawe? ngokubheka umabonakude, ingabe uke wema—noma wehlisa ijubane kancane—lapho “ubona” owesifazane oshisayo, ogqoke ezicashile? Kuthiwani nge-inthanethi? Wake wachofoza isixhumanisi esithile, isithonjana, esinye isikhangiso obuwazi ukuthi akufanele ukwenze? USamsoni waqala ngokuvumela izinyawo zakhe zizule. Amehlo akhe ayengekho kude. Ngokubikezela, inhliziyo yakhe yalandela.

“Anginandaba nokuthi uNkulunkulu uthini. Angikhathali ukuthi umama nobaba bathini. Angikhathali ukuthi yini elungile noma engalungile. NGINGUMUNTU. Nginezifiso. nginezidingo. Futhi ngaphandle kwalokho, ngiyakufuna!”

Kuzwakala kujwayelekile? Yebo, ezinye zezinto mina nawe esizikhanukayo azikho ngisho ngezocansi. Mhlawumbe into oyifisayo yilokho kukhushulwa, ukukhushulelwa imali, noma ukuwina nje emsebenzini. Amaphupho emali nodumo aqala ukukuqeda ingqondo futhi ehlule umphefumulo wakho. Noma mhlawumbe into ephathekayo: leyondlu enkulu, leyo moto entsha ecwebezelayo, leso sikebhe esimnandi. Uvuka ucabanga ngazo, uzame usuku lonke ukuthola ukuthi ungazithola kanjani, bese ulala ebusuku uphupha ngazo.

Noma ngabe yini oyifisayo, kuthatha konke ukuzithiba ongakwazi ukukwenza ukuze uzibambe ukulima ngemuva kwakho. Kungani? Ngoba njengoSamsoni, inkanuko yenza ngisho nendoda enamandla ibe buthaka.

Zijwayeze ukukhomba izinyawo zakho kude nesilingo—futhi ujikise amehlo akho kuso. Wenzani lapho uphuma uyofuna inkinga? Ungazibeki kuleso simo. Sebenzisa ingqondo nokwahlulela okuhle—ngokungafani noSamsoni. Yazi ubuthakathaka bakho. Futhi qinisa izivikelo zakho.

Mayelana naloluHlelo

Fight Devotional For Men

UMbhali owuMfundisi uCraig Groeschel usiza amadoda ukuba ambulekelwe ukuthi empeleni wona angobani —indoda eyiqhawe elinamandla. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-11 lubheka ukuphila kukaSamsoni—indoda enamandla kodwa ebuye ibe nobuthakathaka obusobala. Kulwele lokhu uNkulunkulu akwenze waba yikho. Ungalwi njengendoda ejwayelekile. Yilwa njengendoda kaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://craiggroeschel.com/