Ukulungisiswa: Isifundo KwabaseRomaIsampula

Kuthini na?
Isono nokufa kwangena emhlabeni ngo-Adamu, kodwa umusa nokulunga kweza ngoJesu Kristu.
Kusho ukuthini na?
Wonke umuntu ozelwe emhlabeni uhlobene no-Adamu ngenyama negazi. Isono sika-Adamu ensimini yase-Edene safaka sonke isintu esonweni nasekufeni. Okuwukuphela kwendlela yokubalekela ukwahlulelwa nokulahlwa “ku-Adamu” ukwamukela isipho sikaNkulunkulu sokulunga ngobuhlobo bokomoya noJesu. Ukuba “kuKristu” kunikeza ukuphila okuphakade nokunye okuningi. Izinzuzo ezengeziwe zihlanganisa ukuthula noNkulunkulu, ukufinyelela kuNkulunkulu, ukwazi uthando lukaNkulunkulu, ukubuyisana noNkulunkulu, ukuzwa umusa kaNkulunkulu, nokwamukela isipho sikaNkulunkulu: ukulunga.
Kufanele ngiphendule kanjani na?
Chitha ihora ekamelweni lezingane ezineminyaka emibili ubudala, futhi uzobona ubufakazi bemvelo yomuntu enesono. Noma kunjalo, akulungile ngokwepolitiki ukutshela abantu ukuthi bazalwa beyizoni ngoba kungase kulimaze ukuzethemba kwabo. Nokho iBhayibheli lithi sonke sizalwa siyizoni ezilahlwe ekwahlulelweni. EmBhalweni, “Kodwa uNkulunkulu” ngokuvamile ulandelwa isenzo saphezulu somusa noma isihe. “Kepha uNkulunkulu ubonakalisa uthando lwakhe siqu kithi ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. UJesu wafela wena! kungaba kanjani ukuthi utho lukhulisu ukuzethemba kwakho ngaphezu kwalokho? Ngeke uguqule iqiniso lokuthi wazalwa ku-Adamu, kodwa ungakhetha ukuhlala kuKristu.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Ithathwa njengenye yezincwadi ezicebe kakhulu ngokwezenkolo zeTestamente Elisha, eyabaseRoma iyindatshana yemfundiso yenkolo yensindiso. Eqala ngokungabi nathemba kwesimo sethu sokugcwala isono, uPawulu ubonisa indlela uNkulunkulu anikeza ngayo ukulunga kubantu baKhe ngoJesu Kristu. KwabaseRoma, siyakhunjuzwa ukuthi ukulungisiswa akuveli esimweni noma ekuzuzweni kokuziphatha kodwa ekukholweni ekufeni okuthathela indawo nasekuvukeni okukhazimulayo kukaJesu Kristu.
More