Fearless: A Six-Week Journey Isampula

Fearless: A Six-Week Journey

USUKU 67 KWEZINGU- 88

IVIKI 5: MESABE UNKULUNKULU

AMANZI EZWI LAKHE
Funda uDuteronomi 31:9-13 kanye neHubo 25. Ufundani ngoNkulunkulu kula mavesi?

HAMBA NGEQINISO
Buyela emuva futhi ucabange umcabango wokuthi yonke into ezayo empilweni yakho, umzuzu nomzuzu, zonke izinsuku, wonke umuntu, sonke isipiliyoni sakho, zonke izimo okuhle noma okubi kuvunyelwe, kuvunyiwe, kuqinisekiswe noma kufezwe nguNkulunkulu. Mcele ukuthi akusize ukubone njengomsebenzi Wakhe empilweni yakho, akubumba futhi akulolonge ube yilokhu akudalele ukuba ube yikho.

Izinsuku zakho azishiyiwe ethubeni elingahleliwe. Awushiywa ekhaya uwedwa uzinakekele. Akanawe kuphela, Uyakuqapha, uyakuvikela, futhi uyakufundisa. Mcele ukuthi akusize uhambe kuleliqiniso. Mcele ukuthi akusize uhambe eqinisweni Kuye!

GXILISA AMEHLO ENHLIZIYO YAKHO
Yisho kuwe ngokuthula ivesi okugxiliswe kulo lanamuhla. Kufihle enhliziyweni yakho, zindle ngakho, futhi ukwenze umthandazo wakho usuku lonke.

KwabaseGalathiya 2:20
Ngibethelwe kanye noKristu. Akuseyimi ophilayo, kodwa uKristu ophila kimi. Futhi ukuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa eNdodaneni kaNkulunkulu, eyangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.

Mayelana naloluHlelo

Fearless: A Six-Week Journey

Learn how to move beyond the fear that overwhelms you and holds you back in your faith and enjoy a whole new life of freedom, fearlessness, and effectiveness in your life and witness! Ideal for busy moms, single women, and college students.

More

We would like to thank Thistlebend Ministries and author Laurie Aker for providing this plan. For more information, please visit: www.thistlebendcottage.org