Fearless: A Six-Week Journey Isampula

Fearless: A Six-Week Journey

USUKU 69 KWEZINGU- 88

IVIKI 5: MESABE UNKULUNKULU

AMANZI EZWI LAKHE
Funda iHubo 19 neHubo 29. Yini oyifundayo ngoNkulunkulu nangamandla akhe, izindlela Zakhe, nezwi lakhe kulawa mahubo?

HAMBA NGEQINISO
Ingabe amahubo namuhla akusiza ukuba uqonde kangcono ukuthi uNkulunkulu ungubani? Elinye lamaqiniso abaluleke kakhulu esingakhuluma kithi, usuku nosuku ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu futhi thina asiyena. Uyinkosi, UnguJehova! Wahlala njengeNKOSI kuzamcolo! Akekho ongavimba isandla Sakhe. Akekho ongathintwa ngaphandle kokuba uNkulunkulu ekuvumele. UnguNkulunkulu futhi muhle ngaso sonke isikhathi. Izinhloso Zakhe kanye nesimo Sakhe kuphelele futhi kungcwele futhi kulungile futhi kuhle.

GXILISA AMEHLO ENHLIZIYO YAKHO
Yisho kuwe ngokuthula ivesi okugxiliswe kulo lanamuhla. Kufihle enhliziyweni yakho, zindle ngakho, futhi ukwenze umthandazo wakho usuku lonke.

KwabaseGalathiya 2:20
Ngibethelwe kanye noKristu. Akuseyimi ophilayo, kodwa uKristu ophila kimi. Futhi ukuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa eNdodaneni kaNkulunkulu, eyangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.

Mayelana naloluHlelo

Fearless: A Six-Week Journey

Learn how to move beyond the fear that overwhelms you and holds you back in your faith and enjoy a whole new life of freedom, fearlessness, and effectiveness in your life and witness! Ideal for busy moms, single women, and college students.

More

We would like to thank Thistlebend Ministries and author Laurie Aker for providing this plan. For more information, please visit: www.thistlebendcottage.org