Ukhisimusi Womndeni: Ukuzinikela KwezinganeIsampula

Isibusiso Kuyo Yonke Imindeni
Ngu-Danny Saavedra
Yazini-ke ukuthi abakholwayo bangabantwana baka-Abrahama. – KwabaseGalathiya 3:7 (NIV)
Ngolunye usuku, uNkulunkulu wacela indoda okuthiwa u-Abrahama ukuba iqoqe izimpahla zayo, ishiye abazali bayo nomuzi wayo, iye endaweni ekude. UNkulunkulu waphinda wenza isithembiso ku-Abrahama ngalolo suku—isithembiso sokuthi kwakuyovela isizwe esikhulu emndenini wakhe futhi sibusiswe.
Kodwa nansi ingxenye yemangazayo: U-Abrahama wayeneminyaka engu-75 ubudala futhi engakabi nabo abantwana. U-Abrahama wazibuza ukuthi uNkulunkulu uzomnika kanjani umndeni njengoba esemdala engenabo abantwana, ingasaphathwa eyomndeni omkhulu. Kodwa uNkulunkulu wembula icebo lakhe. Eqinisweni, uNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuba abale izinkanyezi esibhakabhakeni ngoba lokho kwakuyoba inani labantu bomndeni wakhe. Lokho ngokuqinisekile kuningi!
Futhi qagela ukuthini? Naphezu kwalezi zingqinamba, futhi nakuba kwakungenangqondo, u-Abrahama wayekholelwa ukuthi isithembiso sikaNkulunkulu ngomndnei wakhe sasiyogcwaliseka. Yingakho u-Abrahama ebizwa ngokuthi uyise wokukholwa. Wayekholelwa esithembisweni sikaNkulunkulu, ngisho nalapho kubonakala sengathi kuwumsangano.
Indaba kaKhisimuzi imayelana nokuza kukaJesu emhlabeni ukuze asisindise ezonweni zethu futhi sihlale naye phakade ezulwini. Okufanele sikwenze ukubeka ukholo lwethu Kuye. Indaba ka-Abrahama isifundisa ukuthi akukho esingakwenza ukuze sizuze izithembiso zikaNkulunkulu ngaphandle kokuzithola ngokukholwa. Zinike isikhathi sokubonga uNkulunkulu ngokuthumela iNdodana yakhe uJesu.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Kulolu hlelo olukhethekile lwezinsuku ezingu-12, sizothola ukuthi uNkulunkulu usenzela kanjani indlela yokuba yingxenye yomndeni Wakhe njengoba sisebenza njengamalunga omndeni kaJesu.
More