Ukhisimusi Womndeni: Ukuzinikela KwezinganeIsampula

Umphongolo Wensindiso Yethu
Ngu-Danny Saavedra
UJehova wayesethi kuNowa: ‘Ngena emkhunjini, wena nayo yonke indlu yakho. . .’” – UGenesise 7:1 (NKJV)
Ingabe umzali noma uthisha wake wakucela ukuthi wenze okuthile, kodwa awuzange ukwenze ngaso leso sikhathi? Mhlawumbe ucelwe ukuthi ubuyisele okuthile endaweni yakho, kodwa ngenxa yokuthi awukwenzanga kukulahlekele. Uma umzali noma uthisha ekucela ukuba wenze okuthile futhi ungakwenzi, cishe uba senkingeni.
Manje cabanga ngesikhathi lapho owalalela ngaso ngokushehsa. Nakuba kwakungase kube nzima, cishe wajabula ngempela futhi waikezwa umvuzo ngoba ukwenzile. Ungacabanga ukuthi wena nomndeni wakho bekuwukuphela kwabantu abalandela uNkulunkulu emhlabeni? Yileyo ndlela indoda okuthiwa uNowa nomndeni wayo bazizwa ngayo.
UNkulunkulu watshela uNowa ukuba akhe umkhumbi (umkhumbi omkhulu kakhulu) ukuze asindise umndeni wakhe ezinsukwini ezingamashumi amane zemvula nezikhukhula. Futhi lapho uNkulunkulu ekhuluma, uNowa walalela. Akazange alinde kuze kube olunye usuku ukuze akwenze. Wakholwa, wamethemba, futhi wamlalela uNkulunkulu. UNowa wakha umkhumbi . . . futhi wawakha kungakabi khona izimpawu zemvula. Yilokho esikubiza ngokuthi ukholo—ukukholelwa kuNkulunkulu, nakuba ngezinye izikhathi singaqondi ukuthi kungani.
Indaba kakhisimusi ifana kakhulu nendaba kaNowa noMphongolo.Ngenkathi uJesu ezalwa, uNkulunkulu wasenzela indlela yokuphila okuphakade naye ezulwini. Ngenxa kaJesu, izono zethu zithethelelwe, futhi sisindisiwe!
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Kulolu hlelo olukhethekile lwezinsuku ezingu-12, sizothola ukuthi uNkulunkulu usenzela kanjani indlela yokuba yingxenye yomndeni Wakhe njengoba sisebenza njengamalunga omndeni kaJesu.
More