Ukuthandaza Ngokumangalisayo NgoKhisimusiIsampula

Asikhuleke:
Baba, siyamangala ngomuntu oyedwa oyiNdodana yakho.
Wayenobunkulunkulu ngokugcwele, enjabulweni engapheli kanye nawe, kusukela phakade, nokho wathatha ubuntu bethu futhi wazithoba ebuhlungwini nasezinsizini zomhlaba wethu ogula ngezono ukuze asisindise.
Uthando lwakho ngathi ngoKristu lungaphezu kolwazi lwethu olugcwele, kodwa sifuna ukwazi okwengeziwe. Futhi esikwaziyo kuyimbangela yokukhulekela okukhulu.
Sithanda iNdodana yakho, Baba othandekayo, futhi silangazelela ukuyazi futhi siyijabulele kakhulu, futhi kakhulu kulenkathi yeAdvent.
Egameni likaJesu siyakhuleka. Ameni.
Mayelana naloluHlelo

Indaba kaKhisimusi iyisimangaliso emva kwesinye. Kodwa ngezinye izikhathi izincazelo ziiyajwayeleka ize ilahlekelwe wumthelela. Lemikhuleko yokuzindla emifushane ikusiza ngokuthi uhlale uzinze ezenzakalweni ezingalindelekile nezibalulekile emlandweni: ukuthi uNkulunkulu yena siqu waba ngomunye wethu. Umthandazo ngamunye ubhalwe ngu David Mathis, inhloko yomdidiyeli kwa desiringGod.org ongumfundisi e Cities Church e Saint Paul, Minnesota.
More