Imininingwane ngohlelo

Imigomo YobudlelwanoIsampula

Relationship Goals

USUKU 1 KWEZINGU- 5

“Ngaphambi Komuntu”



Ngaphambi kokuba kube khona umuntu kulo mhlaba—futhi empeleni ngaphambi kokuba kube khona ngisho nomhlaba—kwakuvele kukhona ubuhlobo. Kanjani ? Kungenxa yokuthi uNkulunkulu uYise, uNkulunkulu iNdodana, noNkulunkulu uMoya oNgcwele babengabantu abathathu koyedwa. 



Manje, angikwazi ukuchaza ngokuphelele uZiqu-zintathu. Akekho ongakwenza. Kuyiqiniso, kodwa ukuthi kusebenza kanjani kungaphezu kwamandla ethu okuqonda. Indaba iwukuthi, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi abantu abathathu bakaZiqu-zintathu baye bahlala ndawonye kuze kube phakade



Ubudlelwane bencazelo babukhona, bukhona, futhi buyoba njalo kuze kube phakade. Kuhle, akunjalo?



Mhlawumbe into emnandi kakhulu ngakho konke lokhu (kithina nomakunjalo) ukuthi isintu sadalwa ngalobo budlelwane baphakade. UZiqu-zintathu waba nengxoxo futhi wavuma, “Masenze abantu ngomfanekiso wethu” (UGenesise 1:26). UZiqu-zintathu wayengasidingi. Babe phelelelisiwe kakade, bephelele, futhi begcwalisekile ngaphakathi Kwabo. Kodwa ngenxa yokuchichima kothando Lwabo, Banquma ukudala abantu, kokubili owesilisa nowesifazane.



Umuntu wokuqala, u-Adamu, wayehlala ensimini yase-Edene noNkulunkulu njengomngani wakhe kusukela ngosuku lwakhe lokuqala. Ngamanye amazwi, wayenobuhlobo noNkulunkulu ngaphambi kokuba kube khona ngisho noyedwa umuntu okwakumelwe amazi. 



Isithombe esisithola kuGenesise 2-3 ukuthi uNkulunkulu no-Adamu babengabangani. Babehlala ndawonye engadini, baxoxe ngalokhu nalokhuya, futhi bahambe beyobuka izitshalo nezilwane ezintsha ezicwebezelayo kuyilapho bejabulela umoya opholile wakusihlwa ndawonye. Babebodwa, bobabili nje.



Nakhu esikudingayo ukuze siphume kulokhu: Kungakhathaliseki ukuthi ibuphi obunye ubudlelwane esinabo (noma esingenabo), sonke singaba nobuhlobo noNkulunkulu. NgoKristu, Usimema ohlotsheni olufanayo lokuxhumana anakho ngaphakathi kuZiqu-zintathu—ubudlelwane obunothando, obunikelayo. 



Noma ngabe umgomo ophambili wobudlelwane esinawo ezingqondweni zethu njengamanje mhlawumbe uwukuthola noma ukuthuthukisa ubudlelwae bomuntu, kubalulekile ukubona ukuthi ubudlelwane bethu noNkulunkulu kufanele bufike kanjani kuqala futhi ngaphezu kwabo bonke obunye ubudlelwane. Kuwu budlelwane, ubudlelwano bethu bokugcina, kanye nazo zonke izibusiso ziphuma kulobo budlelwano. 



Bunjani ubudlelwano bakho noNkulunkulu? Kubuthinta kanjani ubudlelwane bakho nabantu?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Relationship Goals

Sesha i-#RelationshipGoals ezinkundleni zokuxhumana, futhi uzothola izithombe ezibonakala ziphelele zabashadile abathandanayo. Kodwa kuthiwani uma umbono wobudlelwano umphakathi wethu owuthengisayo ungamanga? Umfundisi u...

More

Sithanda ukubonga i-WaterBrook Multnomah ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://waterbrookmultnomah.com/books/624364/relationship-goals-by-michael-todd

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo