I-Testamente Elisha ngezinsuku ezingu-90Isampula

The New Testament in 90 Days

USUKU 75 KWEZINGU- 90

Isingeniso kuPetru WokuQala

UPetru waloba uPetru wokuQala nowesiBili futhi engomunye wabafundi bakaJesu abangu-12. Wayengumdobi ngaphambi kokuba uJesu ambize futhi eyingxenye ye“nkambo” kaJesu, nayo eyayihlanganisa uJakobe noJohane. Cishe ngaso sonke isikhathi kukhulunywa ngoPetru kuqala ohlwini lwabafundi. Ubuholi bakhe babonakala njengoba wayejwayele ukukhuluma kakhulu kunabo bonke abafundi. 

UPetru walobela lencwadi amaKristu angamaJuda ayevela eJerusalema ayehlakazeke kulo lonke elase-Asiya. Amazwi akhe ayehloselwe ukukhuthaza lamakholwa ayehlupheka kakhulu. Wabhala lokhu endaweni ethile phakathi kuka-A.D. 62-64. Lokhu kwakungaphambi kokuboshwa kwakhe, okwaholela ekufeni kwakhe njengomfeli wokholo. 

Mayelana naloluHlelo

The New Testament in 90 Days

Hamba ezahlukweni ezingu-260 zeTestamente Elisha ezinsukwini ezingu-90 ezilandelayo. Kusukela evangelini likaMathewu, uMarku, uLuka, noJohane, kuze kufike encwadini yokugcina yeSambulo, uNkulunkulu uzokhuluma nawe kuzo zonke izimfundiso zalabo abaguqulwa uMsindisi wethu.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.