I-Testamente Elisha ngezinsuku ezingu-90Isampula

The New Testament in 90 Days

USUKU 68 KWEZINGU- 90

Isingeniso sikaFilemoni

UFilemoni waguqulwa ngaphansi kwemfundiso kaPawulu. Wayengumnikazi wezigqila, futhi mhlawumbe eyindoda ecebile ebandleni laseKolose. UPawulu wabhala lencwadi cishe ngo-A.D. 60 ngesikhathi eboshiwe okokuqala eRoma. 

Inceku kaFilemoni, u-Onesimu, yahlangana noPawulu futhi yaholelwa okukholweni kuJesu. Ngenxa yokuthi uPawulu wayesevele ethumele incwadi ebandleni laseKolose, wathumela nencwadi yomuntu siqu kuFilemoni futhi wambuyisela u-Onesimu kuye. UPawulu wacela ukuba uFilemoni athethelele u-Onesimu futhi amamukele njengomzalwane kuKristu esikhundleni sokuba isigqila. Eqinisweni, uPawulu waze wacela ukuba u-Onesimu abuyele kuye ngoba wayewusizo olukhulu kuPawulu emsebenzini wakhe.

Isingeniso kumaHebheru

Lena ukuphela kwencwadi yeTestamente Elisha engakabi nambhali owaziwayo. Naphezu kwemizamo ehlukahlukene yokubiza umbhali, akekho ophumelele. Noma ingenaye umbhali oqinisekile, kuningi esingakufunda kule ncwadi.

Ngenxa yokuthi akukhulunywa ngokuwa kweJerusalema ngo-A.D. 70, izazi zikholelwa ukuthi amaHeberu abhalwa phakathi kuka-A.D. 64-69. Lencwadi inemininingwane eminingi ekuchazeni inkonzo kaJesu Kristu yobupristi, ithi uJesu udlula bonke abanye abantu, izinto, amacebo, amaphupho, ngisho nezingelosi imbala. 

Mayelana naloluHlelo

The New Testament in 90 Days

Hamba ezahlukweni ezingu-260 zeTestamente Elisha ezinsukwini ezingu-90 ezilandelayo. Kusukela evangelini likaMathewu, uMarku, uLuka, noJohane, kuze kufike encwadini yokugcina yeSambulo, uNkulunkulu uzokhuluma nawe kuzo zonke izimfundiso zalabo abaguqulwa uMsindisi wethu.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.