Kungani iPhasika?Isampula

Inkululeko yani?
Ujesu akasekho emhlabeni ngokwenyama, kodwa akasishiyanga sodwa. Wathumela uMoya wakhe oNgcwele ukuba ube nathi. Lapho uMoya wakhe efika ezohlala kithi, usinika inkululeko entsha.
Inkululeko yokwazi uNkulunkulu
Izinto esizenzayo ezingalungile zidala umgoqo phakathi kwethu noNkulunkulu: "ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu wenu" (Isaya 59:2). Lapho uJesu efa esiphambanweni, wasusa umgoqo owawuphakathi kwethu noNkulunkulu. Ngenxa yalokho, uye wenza kwaba nokwenzeka ngathi ukuba nobuhlobo noMdali wethu. Siba amadodana namadodakazi akhe. Umoya uyasiqinisekisa ngalobu buhlobo, futhi usisiza ukuba simazi kangcono uNkulunkulu. Usisiza ukuba sithandaze futhi siqonde izwi likaNkulunkulu (iBhayibheli).
Inkululeko yokuthanda
"Sinothando ngoba yena wasithanda kuqala" (1 KuJohane 4:19). Njengoba sibheka esiphambanweni, siqonda uthando lukaNkulunkulu ngathi. Lapho uMoya kaNkulunkulu ufika uzohlala ngaphakathi kwethu, siyaluzwa lolo thando. Njengoba senza kanjalo, sithola uthando olusha ngoNkulunkulu nangabanye abantu. Sikhululekile ukuba siphile impilo yothando—impilo egxile ekuthandeni nasekukhonzeni uJesu kanye nokuthanda nokukhonza abanye abantu esikhundleni sempilo egxile kithina.
Inkululeko yokushintsha
Abantu ngezinye izikhathi bathi: "Uyilokho oyikho. Ngeke ushintshe." Izindaba ezinhle ukuthi ngosizo loMoya, singashintsha. Umoya oNgcwele usinika inkululeko yokuphila uhlobo lwempilo ebesilokhu sifuna ukuyiphila ekujuleni. Upawulu oNgcwele usitshela ukuthi isithelo sikaMoya "uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ukulunga, ukwethembeka, ubumnene nokuzithiba" (KwabaseGalathiya 5:22-23). Uma sicela uMoya kaNkulunkulu ukuba uze uzohlala ngaphakathi kwethu, lezi zici ezimangalisayo ziqala ukukhula ezimpilweni zethu.
Mayelana naloluHlelo

Yini ebaluleke kangaka ngePhasika? Kungani kunesithakazelo esingaka kumuntu owazalwa eminyakeni engu-2 000 edlule? Kungani abantu abaningi kangaka bejabule ngoJesu? Kungani simdinga? Kungani eza? Kungani afa? Kungani kufanele umuntu azihluphe ngokukuthola? Kulolu hlelo lwezinsuku ezi-5, u-Nicky Gumbel wabelana ngezimpendulo ezigculisayo kuleyo mibuzo.
More



