UNKULUNKULU + IZINJONGO: Uzibeka kanjani izinjongo njengo MkrestuIsampula

GOD + GOALS: How To Set Goals As A Christian

USUKU 3 KWEZINGU- 5

USUKU 3: Ibukeka kanjani imigomo ekhuthazwa wukholo?

Ingabe ibukeka kanjani imigomo eholwa nguNkulunkulu? Ungakwazi yini ukuba nomgomo ongahlangene ngokuqondile nenkonzo—njengokwakha umzimba noma ukubuyela esikoleni? Noma, ingabe yonke imigomo yakho kufanele kube "ukuthandaza kakhulu," "ukuthatha uhambo lwemishini," kanye "nokukhonza ebandleni lami"?

Eminye imigomo nezinqubo sezibekiwe kithi embhalweni, okuwusizo kakhulu: funda iBhayibheli lakho (AmaHubo 119:9), chitha isikhathi emthandazweni (1 KwabaseThesalonika 5:17-18), yiba namanye amakholwa (KumaHebheru 10:25), futhi wabelane ngokholo lwakho (AmaHubo 96: 3). UNkulunkulu ufisa ukuthi lezi zinto zethu zisigcine siseduze Naye—ukusigcina sithela futhi sithembekile. Lolu akulona uhlu lokuhlola okufanele ululandele, kodwa kunalokho umphumela wenhliziyo eguqulwe ngomusa kaNkulunkulu. Siphoqelekile ukwenza lezi zinto ngoba usithanda kakhulu.

Kodwa kuthiwani ngempilo yonke? UNkulunkulu ufuna ukuba zonke izinto sizenzele inkazimulo Yakhe ( 1 KwabaseKorinte 10:31)—izinjongo ezinkulu anazo ngathi kanye nezinto ezibonakala zijwayelekile. Kungakhathaliseki ukuthi ukwakha ibhizinisi, ukuqeda iziqu, ukuba umama wabantwana, ukwenza izinqumo ezihlakaniphile zezimali, ukunakekela umzimba wakho, noma ngisho nokubeka yonke impahla yakho yokuwasha (impahla engokomoya? Yebo!), uma lezozinto zenziwa ngenjongo yokujabulisa uNkulunkulu, ungazisebenzisa ukuze ube isibani saKhe. Akusho ukuthi kufanele siphelele ekuziphatheni kwethu kulezo zinto noma intuthuko yethu, kufanele nje sithembeke.

Uma senza zonke izinto ngenxa yenkazimulo Yakhe, abantu babona okuthile okwahlukile kithi. Bayazibuza ukuthi ithemba lethu livelaphi futhi, uma iNkosi ivuma, sizothola ithuba lokuhlanganyela uMthombo. Ngakho-ke, ingabe izinhloso zakho kufanele zibe mayelana nemishini kanye nokusebenzela ibandla lakho? Lapho uJehova ekubeke khona, qhakaza lapho otshalwe khona. Shaya ikhwelo ngenkathi usebenza, futhi nezinto ezivamisile ziba nenjongo!

Khuleka kanye nami:Baba ngiyabonga ngokungitshala lapho ngikhona. Ngisize ukuba ngithathe isinyathelo ezintweni ozibeke phambi kwami ​​​​ngamehlo angokomoya, ngizibheke njengemigomo eholwa uNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi nginasiphi isabelo. Siza konke engikwenzayo ukuze kukhombe kuwe—ngisho nezikhathi lapho ngibheda khona futhi ngehluleka. Umusa Wakho mawube ibhena yami njengoba ngithuthuka emigomweni, ngazi ukuthi akukona ukuphelela, kumayelana NAWE—umqambi nomphelelisi wokholo lwami. Egameni likaJesu. Ameni!

Mayelana naloluHlelo

GOD + GOALS: How To Set Goals As A Christian

Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu? uzokwazi kanjani ukuthi igoli lisuka ku Nkulunkulu noma kuwena? Abukeka njani amagoli omkrestu? Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-5, uzojula eZwini bese uthola uhlaziyo nokuqondiswa ngokubeka amagoli anomfutho woMusa!

More

Sithanda ukubonga i-CultivateWhat Matters ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininngwane vakashela: http://www.cultivatewhatmatters.com/youversion