Imininingwane ngohlelo

UNKULUNKULU + IZINJONGO: Uzibeka kanjani izinjongo njengo MkrestuIsampula

GOD + GOALS: How To Set Goals As A Christian

USUKU 1 KWEZINGU- 5

USUKU 1: Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu?



Ufuna ukulandela uNkulunkulu futhi ufeze amagoli ngenhloso. kodwa ukhathazekile ngokuthi ukubeka amagoli kuzokuholela kude nezinhlelo uNkulunkulu anazo ngawe. manje, uyacabanga, "Kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu?? Lithini Izwi la Nkulunkulu ngokwenza lokhu kodwa ungaphambuki endleleni yentando Yakhe?" Kuningi uNkulunkulu akushoyo mayelana nokubeka amagoli, ukuhlela ngenhloso, nokuphatha kahle lokho esikuphiwe.



Impendulo emfushane, amagoli mahle! Ngisho noJesu wayenamagoli. UNkulunkulu ufuna siphile ngenhloso, hayi ngephutha. Kona nje ukuthi uyabuza futhi ufuna intando Yakhe kusho ukuthi ufuna ukuyiphila ngobuqotho lempilo. IZwi selizokukhanyisela ukuthi ungawabeka kanjani amagoli afanele futhi uhlale ukhuthazekile ukuthi uwafeze.



Kodwa, ungalindeli ukuthola uhla longakwenza noma ifomula esheshayo yokubeka amagoli eBhayibhelini. Ukuba bekulula kanjalo, besingafunda uhla, sibekeuphawu, bese singaphinde sikhulume no Nkulunkulu ngezinhlelo zethu. Akungakulandela imithetho, kungobudlelwane na Lowo owasidala wasipha izipho ezivelele namathalente esingawasebenzisa, uNkulunkulu uqobo Lwakhe.



Okungale kokubela amagoli? Ukuphila isidididi je, uyekele impilo yenzeke kuwena. Cabanga nje. Bakhona abagqamile ebhayibhelini ababehlala nje bangenzi lutho? Yebo, babenawo amaphutha, kodwa uMose, uDavide, uSolomoni, uEsta, uRuth, uJohane, uPhawulu, kanye noJesu uqobo babenamagoli, futhi bawalandelela ngamandla nobuhlakani ba Nkulunkulu. Nawe usuzokwenza njalo, isinyathelo esincane esisodwa kanye nokugxuma ngokholo ngesikhathi.



Khuleka nami:Nkosi, ngifuna ukukulandela, ngibeke amagoli ahambelana nentando yakho ngempilo yami. ngiyabonga ukuthi ungidale ngezipho namathalente ahlukile ukuze ngiwasebenzisele inhloso yakho ephakeme. Ngifuna ukuya lapho uya khona. ngicela ungibonise ukubeka amagoli ngendlela yakho. Ngidinga ubuhlakani bakho ekuhleleni kanye nenhloso ukuze ngiphathe lokho onginike kona - isikhathi sami, imali yamo, umsebenzi wami, ubudlelwane bami, impilo yami - lapho ngikhona. Vula amehlo ami abone iqiniso Lakho bese ulisize lisuke emqondweni liye enhliziyweni, liye ezandleni zami, ngegama lika Jesu. Amen!

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

GOD + GOALS: How To Set Goals As A Christian

Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu? uzokwazi kanjani ukuthi igoli lisuka ku Nkulunkulu noma kuwena? Abukeka njani amagoli omkrestu? Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-5, uzojula eZwini bese uthola uhl...

More

Sithanda ukubonga i-CultivateWhat Matters ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininngwane vakashela: http://www.cultivatewhatmatters.com/youversion

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo